d ongumthombo wokuphilayo okuncanyana, umsoco wezitshalo futhi kwesinye isikhathiand wembewuin; futhi e ongashoni phansi ngokwedlule kumamitha angu 0,5 noma lokho kushona phansi okubekwe ngu Ngqongqoshe ekubekela indawo ethile yokuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma yokusabalala noma yokumayina.
h kubonakalisa umphumela kwisigaba 24 so mthethosisekelo ngokuqinisekisa ukuthi imithombo yama maminerali ne petroliyamu kwesizwe kuthuthukiswa ngendlela eqondile futhi egcinekayo ngokwemvelo kube futhi kuphakamiswa ukuthuthuka kwezo kuphilisana kanye nezomnotho; kanye i nokuqinisekisa ukuthi labo abanamalungelo okumayina nawoku khiqiza bayaphonsa esivivaneni sokuthuthukiswa kwe zophiliswano-mnotho kwezindawo abasebenza kuzo.
a vuma, ukhiphe, wenqabe, ulawule, wenze ubuphathiswa futhi umenenje noma iyiphi imvume yokumba ngokumayina, ilungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ilungelo lokumayina, imvume yokususa, imvume yokumayina, imvume yokugcina, imvume yokuxhumana ngobuchwepheshe, ilungelo lokusabalala kanye nelungelo lokukhiqiza; futhi b ngokuxhumana no Ngqongqoshe wezezimali, ungabeka inhlawulo noma okumele kukhokhwe, futhi uhlawulise noma yimalini ekhokhwa ngokwanoma yimuphi u Mthetho ofanelekile we Phalamende.
Yama minerali nepetroliyamu kwase Ningizimu Afrika ngaphakathi kohlaka lo mthethomgomo wendawo yokuphila ka zwelonke, izindlela namazinga abe ephakamisa ukuthuthukisa ezomnotho nezokuphilisana.
Uma kuhunyushwa izimiso zalo Mthetho, noma yikuphi ukuhumusha okunomqondo okuhambelana nezinhloso zalo Mthetho kumele kuphakanyiswe ngaphezu kwanoma yikuphi okungahambelani nalezi zinhloso.
Ngokungangokuthi umthetho ojwayelekile uhambelana nalo Mthetho, lo Mthetho uphethe.
Ilungelo lokuhlola ubukhona bokunga mauinwa, ilungelo lokumayina, ilungelo lokusabalala noma ukukhiqiza elikhishwe ngokwalo Mthetho liyilungelo leqiniso kodwa elinomkhawulo ngokwama minerali ne petroliyamu kanye nomhlaba leli lungelo elikhishelwe wona.
Ngaphansi kwalo Mthetho noma yimuphi omunye umthetho.
ka 1998, Asebenzise amanzi aphuma kunoma yisiphi isiphethu, idamu, ixhaphozi noma umfula, okulowomhlaba noma onqamula kuwona noma amanzi aphuma kunoma yiliphi idamu Elambiwa futhi lasetshenziselwa ukuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ukumayina, Ukusabalala noma ukukhiqiza okwedlule, noma akhe umthombo noma umgodi odingekela ukuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ukumayina, ukusabalala noma ukukhiqiza kulowo mhlaba; futhi e angenza noma yikuphi okudingekayo ukuze ahlole ubukhona bokunga mayinwa, amayine, asabalale noma akhiqize, kodwa lezo zenzo zingaphikisani nezimiso zalo mthetho.
b kwemvume yokumba ngoku mayina, ilungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ilungelo lokumayina, imvume lokugcina, imvume yokuxhumana ngobu chwepheshe, ilungelo lokusabalala noma ilungelo lokukhiqiza, njengoba kungenzeka; kanye c kokukwazisa noku xhumana nomnikazi wendawo noma lowo ohlala kuyo ngokomthetho.
u Mthetho 3 ka 2000, noma iyiphi inqubo yobuphathiswa eyenziwa noma isinqumo esithathwa ngokwalo Mthetho kumele kwenziwe noma sithathwe, njengoba kungenzeka, esikhathini esinomqondo futhi nangendlela ehambelana nomthetho futhi ehambisa ngeqiniso.
Noma yisiphi isinqumo esikhonjwe kwisi gatshana 1 kumele sibe ngesibhalwe phansi futhi Siphelezelwe yizizathu zalesi sinqumo.
Akhethe umphathi we hhovisi ozosebenzela u Mnyango njenge menenja yendawo ngayinye ekhonjwe kwisigaba 7 okumele enze imisebenzi adluliselwe noma abekelwe yona ngokwalo Mthetho nanoma yimuphi omunye umthetho.
b izinsuku ezingefani kumele zibhekwe ngokuhleleka kokutholwa kwazo.
Izicelo eziphuma kubantu abanomlando wokucindezeleka kuqala.
a amemezele ukuthi isicelo selungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ilungelo lokumayina noma imvume yokumayina sesitholiwe mayelana nomhlaba okukhulunyelwa phezu kwawo; futhi b imeme abanentshiseko noma abathintekayo ukuthi balethe imibono yabo mayelana nesicelo ezinsukwini ezingama 30 kusukela ngosuku lwesaziso.
Yokuphila ukuze libhekisise leso sihlabo bese leluleka u Ngqongqoshe mayelana nalokhu.
Ilungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma ilungelo lokumayina noma intshisekelo yanoma yiliphi lalamangungelo, noma intshisekelo yenkampani noma ukopeletsheni, angekwazi ukubambisa ngalo , ukuledluliselwa, ukuqashisa, ukuphanisa, ukulilahla noma ukulichitha ngaphandle kwemvume ya Ngqongqoshe ebhalwe phansi, ngaphandle kokuthi kushintshiswana ngentshiseko elawulayo yezinkampani ezisohleni.
a ekwazi ukuphatha futhi agcine izi nqubomigomo nezindlela nemigomo yelungelo ekukhulunyelwa phezu kwalo; futhi b enelisa izi dingongqangi ezikhonjwe kwizigaba 17 noma 23, njengoba kungenzeka.
u Mthetho 94 ka 1990; noma b ikusiphi isizinda sezezimali esamukelelwe lenhloso ngu Mbhalisi wezama Bhange esikhonjwe ngu Mthetho wezama Bhange, ka 1990 (u Mthetho 94 ka 1990), ngokucelwa ngu ngqongqoshe, uma ibhange noma isizinda sezezimali ekukhulunyelwa phezu kwako sikhomba ngokubhala phansi ukuthi noma yikuphi ukudayisa okwenzekayo noma yikuphi okunye ukuchitha okuholela ekuvalweni kwe sibambiso kuyoba ngokwemvume yangokwe sigatshana.
Noma yikuphi ukwedlulisela , ukwedlulisela njengesiqiniseko, ukuqashisa, ukumisa, ukuvimba ngesibambisa noma ukwehlukahlukana kwelungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma ilungelo loku mayina, njengoba kungenzeka, okukhonjwe kulesi sigaba kumele kubekelwe ukubhaliswa e hhovisi lama Tayiteli oku Mayina ezinsukwini ezingama 30 zesenzo esifanele.
U Ngqongqoshe anga gqugquzelela ukusizwa kwanoma ngubani onomlando woku cindezeleka ngokwenza umsebenzi wokuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma wokumayina.
Lousizo okukhulunywa ngalo kwisigatshana 1 kungahlinzekwa ngokuhambelana nezindlela kanye nemigomo njengoba ingabekwa ngu Ngqongqoshe.
Yiluphi uphiko lo Mbuso ukuthi lusize umfaki sicelo ofanele ukuthuthukisa umkhankaso wakhe wokuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma wokumayina.
b ngendlela ebekiwe; kanye c nenkokhelo ebekiwe engabuyi.
zokuthola isicelo bese ibuyisela isicelo kumfaki waso.
futhi c umfaki sicelo engaphulanga noma yimuphi umthetho ofanele walo Mthetho.
U Ngqongqoshe kumele anqabe ukukhipha imvume yokumba ngoku mayina uma umfaki sicelo engahlangabezani nazo zonke izi dingongqangi ezikhonjwe kwisigatshana.
Uma u Ngqongqoshe enqaba ukukhipha imvume yokumba ngoku mayina, u Ngqongqoshe kumele, kuthi ezinsukwini ezingama 30 ekhiphe isinqumo, azise umfaki sicelo ngombhalo ngalesi sinqumo.
Imvume yokumba ngoku mayina isebenza iminyaka emibili kanti ayivuseleleki.
Imvume yokumba ngoku mayina ayedluliselwa, ayidluliswa njengesiqiniseko, ayiqashisi, ayilahlwa, noma ibambisele isikweletu.
Imvume yokumba ngoku mayina igunyaza umnikazi ukuthi angene kulowo mhlaba ofanele, ekukhipha imvume kanye nangemuva kokuxhumana nomnikazi mhlaba noma lowo ohlala kuwo ngokomthetho, ngenhloso yokuqhuba umsebenzi wokumba ngoku mayina.
a aqhube umsebenzi wokuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma wokumayina noma yimaphi amaminerali kulowo mhlaba okukhulunyelwa phezu kwawo; noma b abe namalungelo akhethekile okufaka isicelo noma akhishelwe ilungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma loku mayina.
b ngendlela ebekiwe; futhi c nenkokhelo ebekiwe engabuyiselwa.
a izi dingongqangi ezikhonjwe kwisigatshana 1 zigciniwe; futhi b kungekho muntu omunye onelungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ilungelo lokumayina, imvume yokumayina noma imvume yokugcina amaminerali afanayo endaweni efanayo.
Uma isicelo singathobeli izidingongqangi zalesi sigaba, i Menenja ye Ndawo kumele yazise umfaki sicelo ngombhalo ezinsukwini ezingama 14 zokuthola isicelo bese esibuyisela kumfaki sicelo isicelo.
a ukuthi alethe uhlelo lokulawula indawo yokuphila; nokuthi b azise futhi axhumane ngombhalo umnikazi womhlaba noma lowo ohlala kuwo ngoko mthetho nanoma ngubani othintekayo bese eletha imiphumela yoxhumano ezinsukwini ezingama 30 kusukela ngosuku lokwaziswa.
Ekutholeni imininingwane ekhonjwe kwizigatshana 4a no b, I Menenja ye Ndawo kumele yedlulisele isicelo ku Ngqongqoshe ukuthi asibheke.
U Ngqongqoshe angase kuthi ngokwazisa kwi Phephandaba lika Hulumeni ameme izicelo zamalungelo okuhlola ubukhona bokunga mayinwa ngokwanoma imuphi umhlaba, futhi angakhomba ngqo kwi saziso isikhathi okungafakwa ngaso noma yisiphi isicelo kanye nezimiso nemigomo okungakhishelwa kuyo lamalungelo.
Phepha ezi Mayini, ka 1996 (u Mthetho 29 ka 1996); futhi e umfaki sicelo engaphulanga noma yiziphi izimiso ezifanele zalo Mthetho.
kuvimba uqhudelwano oluneqiniso; noma iii kuphetha ngokuthi yonke imithombo yama minerali ibe ngaphansi kolawulo lomfaki sicelo.
Sicelo ngombhalo ngalesi sinqumo kanye nezizathu zaso.
Ocatshangiwe, ukuthi anike umphumela kwizinto ezikhonjwe kwisigaba 2(d).
kuqala ukusebenza ngosuku okwamukelwa ngalo uhlelo lokulawula indawo yokuphila ngokwesigaba 39.
Ilungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa lithobela lo Mthetho, noma yimuphi omunye umthetho kanye nezimiso nemigomo ebalulwe kwi lungelo futhi esebenza ngesikhathi esibalulwe kwi lungelo, lesosikhathi esingafanele ukweqela ngale kweminyaka emihlanu.
b ngendlela ebekiwe; futhi c sihambisane nenkokhelo ebekiwe engabuyi.
c siphelezelwe umbiko okhomba izinga lokuthobela izi dingongqangi zohlelo lokulawula indawo yokuphila, ukubuyisela esimweni okumele kuphethwe kanye nezindleko okucatshangelwa kona; futhi d ifake nohlelo olwenabile lomsebenzi wokuhlola ubukhona bokunga mayinwa lwesikhathi esivuselelwe.
b uhlelo lomsebenzi wokuhlola ubukhona bokunga mayinwa; kanye c nezi dingongqangi eziphakamisiwe zohlelo lokuumthethoula indawo yokuphila.
Livuselelelwe isikhathi esngeqile iminyaka emithathu.
Ilungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa elicelelwe ukuvuselelwa, liyohlala lisebenza, noma ngabe seliphelelwe yisikhathi, kuze kufike isikhathi lapho isicelo sichithwa noma samukelwa.
b Ngokuhambisana nesigatshana 2, unelungelo elikhethekile lokufaka isicelo noku khishelwa ilungelo loku mayina ngokwe minerali kanye nomhlaba okukhulunyelwa phezu kwawo; futhi c Ngokuhambelana nemvume ekhonjwe kwisigaba 20, unelungelo elikhethekile lokususa futhi alahle noma iyiphi iminerali ekhonjwa yileli lungelo futhi etholwe ngesikhathi kuhlolwa ubukhona bokunga mayinwa.
f akhokhe imali ebekiwe ku Mbuso; futhi g ngokuhambelana nesigaba 20, akhokhe inkokhelo yo Mbuso ngokwanoma yimaphi amaminerali asuswe noma alahlwe ngesikhathi sokuhlola ubukhona bokunga mayinwa.
Ngokuhambelana nesigatshana , onelungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa anga susa futhi alahle ngokwakhe kuphela noma yimaphi ama minerali atholwe nguyena ngesikhathi somsebenzi wokuhlola ubukhona bokunga mayinwa obewenziwa ngaleli lungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa njengoba kudingeka ukuze kuqhutshwe ukuhlola kuwona noma ukuwakhomba noma ukuwacwaninga.
Ngqongqoshe ebhalwe phansi, yokususa noma ukulahla, ukuze akwazi ukuzimela, nganoma yimiphi imithwalo yamasampula amaminerali atholwe ngonaleli lungelo ngesikhathi somsebenzi wokuhlola ubukhona bokunga mayinwa ngokulandela leli lungelo.
a agcine izishicilelo ezifanele, ehhovisi lakhe elibhalisiwe noma endaweni yakhe yebhizinisi, zemisebenzi yokuhlola ubukhona bokunga mayinwa kanye nemiphumela nochitho mali oluhlobene nako, kanye nengqikithi yolwazi lomgodi ombiwe nengqikithi yolwazi olungu mgogodla, lapho kufanele; futhi b ahambise kwi Menenja ye Ndawo, umbiko wenqubekela phambili kanye nemininingwane okumayelana nemisebenzi yokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ngendlela ebekiwe nangezikhathi ezibekiwe.
Akukho muntu ongalahla noma acekele phansi noma yisiphi isishicilelo, ingqikithi yolwazi lomgodi ombiwe noma iphakathi lolwazi olungu mgogodla olkukhoniwe kwisigatshana a ngaphandle uma kuhambelana nezilayelo ze Menenja ye Ndawo efanele ezibhalwe phansi.
b ngendlela ebekiwe; futhi c nenkokhelo ebekiwe engabuyiselwa.
a izi dingongqangi ezikhonjwe kwisigatshana 1 zigciniwe; futhi b kungekho muntu omunye onelungelo loku mayina, ilungelo lokuhlola ubukhona bokungamayinwa, ilungelo lokumayina, imvume yokumayina noma imvume yokugcina amaminerali afanayo endaweni efanayo.
Uma isicelo singathobeli izidingongqangi zalesi sigaba, i Menenja ye Ndawo kumele yazise umfaki sicelo ngombhalo ezinsukwini ezingama 14 zokuthola isicelo bese esibuyisela kumfaki sicelo isicelo.
a ukuthi aqhube ukuhlola umfutho wokuthinteka kwendawo yokuphila futhi ahambise uhlelo lokulawula indawo yokuhlala ukuthi yamukelwe ngokwesigaba 39, bese b azise futhi axhumane nalabo abathintekayo nalabo abanentshiseko ezinsukwini ezingama lwesaziso.
U Ngqongqoshe angase kuthi ngokwazisa kwi Phephandaba lika Hulumeni ameme izicelo zamalungelo okumayina ngokwanoma imuphi umhlaba, futhi angakhomba ngqo kwi saziso isikhathi okungafakwa ngaso noma yisiphi isicelo kanye nezimiso nemigomo okungakhishelwa kuyo lamalungelo.
g umfaki sicelo engephulanga noma yiziphi izimiso za lo Mthetho; futhi h ukukhishwa kwaleli lungelo kuzofeza izinjongo ezikhonjwe kwisigaba 2d no f i ngokuhambelana nencwajana yamalungelo ekhonjwe kwisigaba 100 kanye nohlelo olubekiwei lwezokuphilisana nokusebenza.
U Ngqongqoshe, ngokubhekelela uhlobo lwe minerali okukhulunyelwa phezu kwayo, angabheka izimiso zesigaba 26.
U Ngqongqoshe kumele anqabe ukukhipha ilungelo lokumayina uma isicelo singa hlangabezani nazo zonke izidingongqangi ezikhonjwe kwi sigatshana.
Uma U Ngqongqoshe enqaba ukukhipha ilungelo lokumayina, U Ngqongqoshe kumele, kuthi ezinsukwini ezingu 30 ethathe isinqumo, azise ngombhalo umfaki sicelo ngalesi sinqumo nezizathu zaso.
Ilungelo lokumayina elikhishwe ngokwe sigatshana 1 siqala ukusebenza ngosuku okwamukelwe ngalo uhla lokulawulwa kwendawo yokuphila ngokwe sigaba 39.
Ilungelo lokumayina kumele lihambisane na lo Mthetho, kanye nonoma yimuphi umthetho ofanele, izindlela nemigomo ebalwe kwilungelo kanye nezindlela nemigomo ebekiwei futhi lisebenza isikhathi esibalulwe kwilungelo, ekungamele seqe iminyaka engu 30.
b ngendlela ebekiwei ; futhi c sihambisane nenkokhelo yesicelo ebekiwe engabuyi.
b siphelezelwe ngumbiko okhomba izinga lokuthobela izi dingongqangi zohla lokulawulwa kwendawo yokuphila, ukuvuselelwa kwendawo okumele kwenziwe kanye nezindleko ezako ezicatshangwayo; futhi c sikfake uhlelo lomsebenzi wokumayina olwenabile lwesikhathi semvuselelo.
c izidingongqangi zohlelo lokuphilisana nokusebenza olubekiwe; kanye d nezi dingongqangi zohlelo lokulawulwa kwendawo yokuphila olwamukeliwe.
Ilungelo lokumayina elifakelwe isicelo sokulivuselela liyoqhubeka nokusebenza noma seliphelelwe yisikhathi kuze kube ngabe leso sicelo siyakhishwa noma siyenqatshwa.
g akhokhe inkokhelo yo Mbuso; futhi h ahambise umbiko wonyaka obekiwe, owenaba ngokuthobela izimiso zeziigaba 2d and f, uhla lwamalungelo olukhonjwe kwisigaba 100 kanye nohlelo lokuphilisana nokusebenza kwalowo onelungelo.
U Ngqongqoshe angakhuthaza noma abeke izindlela zokukhuthaza ukuthuthukisa ukuzuza ngama minerali e Ningizimu Afrika.
Uma u Ngqongqoshe, esebenza njengomaluleki we Bhodi nangemuva kokuthintana no Ngqongqoshe wezo Whebo nezezi Mboni, ethola ukuthi I minerali ethile ingazuzisa I Riphabhuliki ngoko mnotho, U Ngqongqoshe angaphakamisa lokhu kuzuza ngokuhambisa ngezindlela nemigomo njengoba u Ngqongqoshe engacabanga.
Noma ngubani onenhloso yokuzuza nganoma iyiphi iminerali emayinwe e Riphabhuliki ngaphandle kwe Riphabhuliki kumele akwenze loko kuphela ngemuva kombiko obhaliwe kanye nokuthintana no Ngqongqoshe.
a imineral ekukhulunyelwa phezu kwayo ingamayinwa ngokugculisayo esikhathini esiyiminyaka emibili; futhi b indawo yokumayina ekukhulunyelwa phezu kwayo ingenga phezulu kwama hekitharihectares angu 1.5 ubukhulu.
b ngendlela ebekiwei; futhi d kanye nenkokhelo yesicelo ebekiwe engabuyi.
b kungekho muntu omunye onelungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ilungelo lokumayina, imvume yokumayina noma imvume yokugcina yeminerali kanye nendawo eyodwa.
uma isicelo singathobeli izidingongqangi zalesi sigaba, i Menenja ye Ndawo kumele yazise umfaki sicelo ngombhalo ngalokhu ezinsukwini ezingu 14 ithole isicelo bese ibuyisela isicelo ku mfaki sicelo.
a ukuthi alethe uhlelo lokulawulwa kwendawo yokuphila; futhi b azise ngombhalo futhi athintane nomnikazi wendawo noma ohlala kuyo ngokomthetho kanye nanoma ngubani omunye othintekayo bese ehambisa imiphumela yalokhu kuthintana ezinsukwini ezingu 30 kusukela ngosuku lwesaziso.
a izidingongqangi ezikhonjwe kwi sigatshana 1 zanelisiwe; futhi b umfaki sicelo eselethe uhlelo lokulawulwa kwendawo yokuphila.
d anga mayina, ngokwakhe kuyona noma ngaphansi kwendawo yokumayina emayina ama minerali abalulwa yimvume.
b ayidluliselwa, ayibambisi, ayiqashisi, ayibandlululwa noma ilahlwe, nanganoma iyiphi indlela, kodwa ingavinjwa noma ibambisele isikwletu ngenhloso yokukhokhela umkhankaso wokumayina okukhulunyelwa phezu kwako kuphela ngemvume ya Ngqongqoshe.
Lowo onelungelo lokumayina noma imvume yokumayina kumele, ehhovisi lakhe elibhalisiwe noma endaweni yebhizinisi, agcine izishicilelo eziphelele zezenzo zokumayina kanye nezishicilelo eziphelele zezezimali ezihlangene nezenzo zokumayina.
c umbiko wonyaka okhomba ngokuphelele indlela yokuthobela konelungelo izimiso zesigaba 2d nof, uhla lwamalungelo olukhonjwe kwisigaba 100 kanye nohlelo lokuphilisana nokusebenza.
b noma ngubani onelungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ilungelo lokumayina, imvume yokugcina noma imvume yokumayina; noma c noma yimuphi umnikazi womhlaba noma ohlala kuwona ngokomthetho ozosetshenziselwa ilungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ilungelo lokumayina, imvume yokugcina noma imvume yokumayina, noma ongaba ngongafakelwe isicelo salelungelo noma imvume noma umsebenzi wokuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma ukumayina.
c uma lemi mininingwane noma ulwazi sekutholakala kumphakathi; noma d uma lungelo elifanele, imvume noma ukuvunyelwa sekuphelelwe yisikhathi noma kwesuliwe, noma indawo ehlobene naleli lungelo noma imvume seyilahliwe noma inganakwe muntu.
Akhukho imininingwane noma ulwazi olungakhishelwa noma ngubani uma luqukethe imininingwane noma ulwazi olukhishwe ngemihlo yilowo oyikhiphile.
Noma ngubani oletha imininingwane noma ulwazi ngokwe sigaba 21, 28 noma 29 kumele azise i Menenja ye Ndawo efanele futhi akhombe ukuthi iyiphi imininingwane no ulwazi okumele kuphathwe njengemfihlo futhi kungakhishwa.
a abanelungelo lokukhipha ngengozi noma ngokunganaki imininingwane noma ulwazi olulethwe ngokwezimiso zalo Mthetho; kanye b abangaqinisekisa ubuchule noma ukuphelela kwale mininingwane noma ulwazi noma ukuhunyushwa kwayo.
d kwiisicelo akhombe izizathu nesikhathi akufunela imvume yokugcina, futhi e ahambise umbiko okhomba izinga lokuthobela isigaba 321.
a izidingongqangi ezikhonjwe kwi sigatshana 1 zihlangabeziwe; futhi b umfaki sicelo engone lungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa okukhulunyelwa phezu kwalo.
d esedadishe imakethe futhi wathola ukuthi ukumayina iminerali ekukhulunyelwa phezu kwayo ngeke kube nomvuzo wezomnothi ngenxa yezimo ezikhona zemakethe; futhi e esethobele izimiso ezifanele zalo Mthetho, noma yimuphi umthetho ofanele kanye nezindlela nemigomo ebalulwe kwilungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa.
Imvume yokugcina ekhishwe ngaphansi kwe sigatshana 1 imisa okwesikhashana izindlela nemigomo kwelungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa ephethwe ngokomhlaba ohlobene nemvume yokugcina futhi uma isiklhathi sokuhlola ubukhona bokunga mayinwa singakapheli, ukuba khona kwelungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa okukhulunyelwa phezu kwalo kusebenza ngesikhathi esisodwa nemvume yokugcina.
Nakuba kune sigatshana 2, uhlelo lokulawula umthetho wendawo yokuphila olwamukeliwe ngokwe lungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa luhlala lusebenza sengathi ilungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa alikaze liphelelwe yisikhathi.
Imvume yokugcina isebenza isikhathi esibaluliwe kuyona, isikhathi okungamele sibe ngale kweminyaka emithathu.
kuyovimba uqhudelwano oluneqiniso; noma iii kuyophetha ngokuthi amaminerali agxile ezandleni zomfaki sicelo.
a umbiko osesikhathini wezimo ezibe khona ngesikhathi sokukhishwa kwemvume yokugcina; kanye b nesikhathi nezizathu zokufuna ukuvuselela.
a onemvume yokugcina ethobele izimiso zalo Mthetho ezifanele, kanye nanoma yimuphi omunye umthetho ofanele kanye nezindlela nemigomo yemvume yokugcina; futhi b izimo zemakethe ezikhonjwe kwisigaba 321d zisenjalo.
Ngokuhambelana nesigatshana , onemvume yokugcina unelungelo elikhethekile lokuthi akhishelwe ilungelo lokumayina ngokwendawo yokugcina kanye nama minerali okukhulunyelwa phezu kwawo.
i izimo ezikhona zezimakethe, umfutho wazo kanye nesidingo sokuba nale mvume yokugcina amaminerali kanye nomhlaba okukhulunyelwa phezu kwako; futhi ii imizamo eyenziwe yilow onemvume yokugcina ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi wokumayina uqalisa ngaphambi kokuphelelwa yisikhathi njengoba kukhonjwe kwisigaba 32 noma 34 , njengoba kungenzeka.
Imvume yokugcina ayedluliselwa, ibambise, iqashise, imiswe yodwa, ilahlwe, ibambisele isikweletu noma imiswe noma kanjani.
a usebenza kuko konke ukuhlola ubukhona bokunga mayinwa kanye nemisebenzi yokumayina, njengoba kungenzeka, kanye nonoma yiluphi olunye udaba oluhlobene nalomsebenzi; futhi b usebenza njengesibonisi sokuhumusha, ubuphathiswa kanye nokulandela kwe zidingongqangi zendawo yokuphila zalo Mthetho.
Noma yikuphi ukuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma umsebenzi wokumayina kumele kuhanjiswe ngemimisomigomo eyamukeleka ngenjwayelo yokugcinwa kwendawo yokuphila ngokuhlanganisa uphiliswano, ezomnotho kanye nezinto zendawo yokuphila nomkhankaso wokuhlela kanye nokulandela ukuhlola ubukhona bokunga mayinwa kanye nokumayina ukuze kuqinisekiswe ukuthi ukusebenziswa kwemithombo yama minerali kusebenzela izizukulwane zangomuso.
d kumele kuthi nganganokuthi kungenzeka, avuselele indawo yokuphila ethintwe ukuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma umsebenzi wokumayina esimweni sayo semvelo noma leso esiyokhonjwa noma ekusetshenzisweni komhlaba okuhambelana nemimisomigomo eyamukeleka ngokwejwayelekile yokuthuthukisa okugcinekayo; futhi e nguye omelene nokulimala kwendawo yokuphila, ukungcolisa noma ukucekela phansi imvelo ngenxa yokumayina kwakhe ngokukuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma umsebenzi wokumayina futhi okungenzeka ngaphakathi noma ngaphandle kwemingcele yendawo analeli, imvume noma ukukunyelwa kuyo.
Wonke umuntu ofake isicelo selungelo lokumayina ngokwe sigaba 22 kumele ahlole umfutho wokuthinteka kwendawo yokuphila bese ehambisa uhla lokuhambisa ukulawulwa kwendawo ndawo yokuphilaal ezinsukwini ezingu 180 zokuthi aziswe yi Menenja yendawo ukuthi enze njalo.
Noma ngubani ofake isicelo sokuvunyelwa ukumba ngokumayina, ilungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma imvume yokumayina kumele ahambile uhlelo lokulawula indawo yokuphila olubekiwei.
ukuphatha noma uklungisa ukungcola noma ukucekela phani kanye nokuhambela kokungcola; kanye iii nokuthobela yimaphi amazinga okulahla ukungcola abekiwe noma amazinga okulawula noma izenzo.
umfaki sicelo ethobele isigaba 411; futhi iii umfaki sicelo enamandla, noma esehlinzekele ukuba namandla, okuvuselela kanye okumeneja umfutho ongemuhle kwindawo yokuphila.
i noma yiziphi izincomo ze Komidi ye Sifunda yoku Thuthukisa ezoku Mayina kanye nendawo yokuphila; kanye ii nokuphawula kwanoma yimuphi uMnyango wo Mbuso onobuphathiswa banoma yimuphi umthetho ohlobene nezindaba zendawo yokuphila.
U Ngqongqoshe angafuna eminye imininingwane kumuntu okhonjwe kwi sigatshana 1 noma 2 futhi angalayela ukuthi uhla lokulawulwa kwendawo yokuphila noma uhlelo lokulawula indawo yokuphilaa ekukhulunyelwa phezu kwalo lushintswe ngendlela u Ngqongqoshe angafuna ngayo.
a U Ngqongqoshe kungathi noma nini ngemuva kokwamukela uhla lokulawulwa kwendawo yokuphila noma uhlelo lokulawula indawo yokuphila futhi ngemuva kokuthintana nalowo onokuvunyelwa ukumba ngokumayina, ilungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ilungelo lokumayina noma imvume yokumayina ofanele, amukele uhlelo lokulawula indawo yokuphila olulushintshiwe noma uhla lokulawulwa kwendawo yokuphila.
b ngenxa yezinhloso zesigaba a, isigatshana 4 siyasebenza ngoshintsho olufanele.
izimiso zesigatshana 3bii kanye nesigatshana 3c azisebenzi kwizicelo zokuvunyelwa ukumba ngokumayina, amalungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinw noma izimvume yokumay.
Lapho ebheka uhlelo lokulawula indawo yokuphila noma uhla lokulawulwa kwendawo yokuphila ngokwe sigaba 39, u Ngqongqoshe kumele athintane naoma yimuphi umnyango wo Mbuso olawula noma yimuphi umthetho ophathelene nezinto ezithinta indawo yokuphila.
U Ngqongqoshe kumele acele inhloko yomnyango othintawayo, ngomhalo, ukuthi ilethe ukuphawula kwalowo mnyango ezinsukwini ezingu 60 kusukela ngosuku lokucelwa.
Umfaki sicelo se ilungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ilungelo lokumayina noma imvume yokumayina kumele, ngaphambi kokuthi u Ngqongqoshe amukele uhlelo lokulawula indawo yokuphila noma uhla lokulawulwa kwendawo yokuphila ngokwesigaba 39 , ahlinzeke ngezimiso zezimali zokulungiswa noma ukumeneja umonakalo owenzeke kwindawo yokuphilaa.
Uma onelungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ilungelo lokumayina noma imvume yokumayina ehluleka ukubuyisela esimweni noma ukumeneja, noma engakwazi ukwenza lokhu kulungisa noma ukumeneja umonakalo owenzeke kwindawo yokuphila, u Ngqongqoshe, ekwaziseni ngombhalo kulowo onelungelo, angasebenzisa konke noma ingxenye yezimali ezihlinzekiwe ezikhonjwe kwisigatshana 1 ukulungisa noma ukumeneja umonakalo owenzeke kwindawo yokuphila okukhulunyelwa phezu kwayo.
onelungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ilungelo lokumayina noma imvume yokumayina kumele kuthi njalo ngonyaka ahlole izikweletu zendawo yokuphila bese enezelela imali ehlinzekiwe nganganokwaneliseka kwa Ngqongqoshe.
uma u Ngqongqoshe enganelisekile ukuhlola kanye nezimali ezihlinzekiwe ezikhonjwe kwisigaba, u Ngqongqoshe angaqoka umhloli ozimele ukuthi aqhube ukuhlola bese ekhomba ukuthi kungahlinzekwa malini.
Isidingongqangi sokugcina kahle kanye nokugcina ukuhlinzeka ngezimali kuhlala kukhona aze u Ngqongqoshe akhiphele lona onelungelo isitifiketi ngokwesigaba 43, kodwa u Ngqongqoshe angagcina lwyongxenye yokuhlinzeka ngemali njengoba kungadingeka ukuze kubuyiselwe esimeni umsebenzi ovaliwe wokumayina noma ukuhlola ubukhona bokunga mayinwa ngokokuthinteka kwendawo yokuphila engakathintwa noma esele.
Imfucuza embondelene kanye nemfucuza elahliwe kumele kulawulwe ngendlela ebekiwe kunoma iyiphi indawo ebekelwe lokhu ohlelweni lokulawulwa kwendawo yokuphila noma uhlelo lokulawulwa kwendawo yokuphila ekukhulunyelwa phezu kwayo.
Akukho muntu ongalahla okwesikhashana noma ngokwafuthi imfucuza embondelene noma imfucuza elahliwe kunoma iyiphi indawo ngaphandle kwaleyo ekhonjwe kwi sigatshana 1.
Onelungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ilungelo lokumayina, imvume yokugcina noma imvume yokumayi kuhlala kungumsebenzi wakhe ukubhekela isikweletu sendawo yokuphilaal, ukungcolisa noma ukucekela phansi isakhiwo semvelo, kanye nkulawulwa kwaloku, kuze kube ngabe u Ngqongqoshe usekhiphe isitifiketi skuphetha esikhiphela lowo onelungelo.
Ngokufaka isicelo ngokubhala lowo onelungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ilungelo lokumayina noma imvume yokumayinangendlela ebekiwe, u Ngqongqoshe angedlulisela izikweletu kanye nomsebenzi wokubhekelela indawo yokuphila njengoba kungakhonjwa ohelweni lokulawulwa kwendawo yokuphilaa noma uhla lokulawula indawo yokuphila kanye nanoma yiluphi uhlelo olubekiwe lokuphetha kumutu onalezo zimfuneko ezibekiwe.
c ukulahlwa kwanoma iyiphi ingxenye yokuhlola ubukhona bokunga mayinwa kwindawo ilungelo, imvume noma ukukuvunyelwa kuphathelene nayo; noma d ukuqedwa kohlelo olubekiwe lokuphetha ilungelo, imvume noma ukuvunyelwa okuhlobene nakho.
Isicelo sesitifiketi sokuphetha kumele kumele sifakwe kwi Menenja ye Ndawo ondawo okukhulunyelwa phezu kwayo isesifundeni sayo ezinsukwini ezingu 180 kwenzeke ukuphelelwa yisikhathi, ukulahlwa, ukwesulwa, ukunganakwa noma ukuphetwa okukhonjwe kwi sigatshana 3 futhi kumele siphelezelwe ngumbiko obekiwe ngezingozi kwindawo yokuphila.
Akukho sitifiketi sokuphetha esingakhishwa ngaphandle kokuthi Umhloli Omkhulu kany no Mnyango weza Manzi neza Mahlathi beqinisekisile ngombhalo ukuthi izimiso eziphathelene nokuphepha nezempilo kanye nokulawulwa kokungcoliswa kwemithombo yamazi okungase kube khona kubhekeliwe.
Uma u Ngqongqoshe ekhipha isitifiketi kumele abuyisele leyongxenye yemali ehlinzekiwe ekhonjwe kwisigaba 41 njengoba u U Ngqongqoshe engabona kufanele kulowo onelungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ilungelo lokumayina, imvume yokugcina noma imvume yokumayina ekukhulunyelwa phezu kwayo, kodwa angayigcina noma iyiphi ingxenye yalezi zihlinzeko zemali yokulimala kwendawo yokuphila okungase kwazeke ngomuso.
b okukhonjwe ngu Ngqongqoshe ngombhalo ngenhloso yalesi sigaba; noma c okufanele kugcinwe ngokwesivumelwano phakathi konelungelo nomnikazi womhlaba noma lowo ohlala kuwo ngokomthetho, leso sivumelwano esamukelwe ngu Ngqongqoshe ngombhalo.
izimiso zesigatshana 1 azisebenzi kwizinto zokusebenza ukumayina, ezingagudlulwa.
b athathe izinyathelo ezingabekwa kulezi zilayelo; futhi c aqedele lezo zenzo ngaphambi kosuku olubekwe kwisilayelo.
a Uma onelungelo ehluleka ukuthobela izilayelo, u Ngqongqoshe angathatha lezo zinyathelo ezingadingeka ukuvikela izimpilo nokuphila kwanoma ngubani othintekayo noma ukulungisa ukucekeleka phansi kwesakhiwo semvelo kanye nokunqanda ukungcoliseka kwendawo yokuphila.
b Ngaphambi kokuthi u Ngqongqoshe alandele noma yiziphi izinyathelo, kumele anike onelungelo ithuba lokwenza umbiko kuyena.
c Ukuze alandele izinyathelo ezikhonjwe kwindima a, u Ngqongqoshe angafaka isicelo yena ngokwakhe eNkantolo e Nkulu sokuthi adle futhi adayise izimpahla zonelungelo njengoba kungadingeka ukuze avale izindleko zokulandela lezi zinyathelo.
d ngaphezu kwesicelo ngokwe ndinyana c, u Ngqongqoshe angasebenzisa izimali ezabelwe lenhloso yi Phalamende ukulandela ngokugcwele lezi zinyathelo.
e U Ngqongqoshe angalanda imali elinganayo naleyo edingeka ukulandela izinyathelo kulowo onelungelo.
Uma u Ngqongqoshe ekhomba ukuthi izinyathelo ezikhokhonjwe kwisigaba 45 kumele zithathwe ukuvimba ukungcola noma ukucekela phansi isakhiwo semvelo sendawo yokuphila noma ukuvuselela izenzakalo eziyingozi kodwa ethola ukuthi lowo onemvume yokumba ngokumayina, ilungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ilungelo lokumayina, imvume yokugcina noma imvume yokumayina, njengoba kungenzeka, noma lowo omlandelayo kwi tayiteli, usashona noma akatholakali, noma lapho kungo kunesimo somuntu ngokomthetho, akusekho, kwawa noma akutholakali, u Ngqongqoshe akalayela i Menenja ye Ndawo efanele ukuthi ithathe izinyathelo ezifanele ukuvimba ukuqhubeka kokungcolisa noma ukucekela phansi, noma ukwenza indawo ibe ngephephile.
Izinyathelo ezikhonjwe kwi sigatshana 1 kumele sikhokhelwe yisehlinzeko esenziwe ngonemvume yokumba ngokumayina, ukuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ilungelo lokumayina, imvume yokugcina noma imvume yokumayina ngokwe sigaba 41, lapho kufane, noma uma kungekho sihlinzeko noma singanele, yimali eyabiwe yi Phalamende liyabela yona lenhloso.
a Ekuphethweni kwezinyathelo ezikhonjwe kwi sigatshana 1, I Menenja yendawo kumele ifake isicelo kumbhalisi ofanele ukuthi itayiteli lendawo ekukhulunyelwa phezu kwayo ishicilelwe ukuthi seyivuselelwe noma seyilungisiwe.
b U mbhalisi ofanele kumele, kuthi ekutholeni lesi sicelo esikhonjwe kwi ndima a, enze leso sishicilelo angasibona sifanele ukunika umfutho izimiso zalendima, kanti akukho nkokhelo enikwa umbhalisi ngokwenza lesi sishicilelo.
c ephula uhlelo olwamukeliwe lokuthuthukiswa kwendawo yokuphila; noma d ehambise imininingwane engamanga, engaphelele noma ebonisa okungekona mayelana nanoma yiluphi udaba okumele ihanjiselwe lona ngaphansi kwalo Mthetho.
c anike onelungelo ithuba elanele lokubonisa ukuthi kungani ilungelo noma imvume kungafanele kumiswe noma kwesulwe; bese d azise onesibambiso sesikweletu , uma ekhona , selungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ilungelo lokumayina noma imvume yokumayina ngenhloso yakhe yokumisa noma ukwesula ilungelo noma imvume.
U Ngqongqoshe kumele alayele onelungelo ukuthi athathe izinyathelo ezibaluliwe ukulungisa noma yikuphi ukwephulwa komthetho, ukungathobeli noma ukwehluleka.
a emnike ithula elanele ukuzimela, futhi b esebhekele loko kuzimela.
a ethobela izilayelo ezikhonjwe kwisigatshana 3; noma b eletha izizathu ezizwakalayo zokuhoxiswa kokumiswa.
c noma yimuphi umhlaba osetshenziselwa izidingo zomphakathi noma zahulumeni noma obekiwe ngokwezimiso zanoma yimuphi; noma d izindawo ezibalulwe ngu Ngqongqoshe ngokwazisa kwi Phephandaba lika Hulumeni ngokwesigaba 49.
b ukumba ngokumayina, ukuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma ukumayina kuzokwenzeka ngaphakathi kohlaka lwemimisomigomo kawezelonke yokulawulwa kwendawo yokuphila, izindlela namazinga; futhi e ukukhishwa kwalamalungelo noma izimvume angeke kuhlukumeze izintshiseko zonelungelo lokuhlola f ubukhona bokunga mayinwa noma ilungelo lokumayina.
Ngokuhambelana isigatshana , u Ngqongqoshe, ngemuva kokumema ubumelwane kulabo ababambe iqhaza, kungathi izikhathi ngezikhathi afake isaziso kwi Phephandaba lika hulumeni, ngokubonelela intshiseko ka zwelonke kanye nokuphakamisa ukuthuthuka okugcinekayo kwemithombo yama minerali, aanqabele noma abeke imigomo nganoma ikuphi ukukhipha, ilungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ilungelo lokumayina noma imvume yokumayina ngokomhlaba okhonjwe ngu Ngqongqoshe ngesikhathi kanye nangendlela nemigomo eyomiswa ngu Ngqongqoshe.
Umbiko okhonjwe kwisigatshana 1 awukuthinti ukuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma ukumayina, ngaphansi, ngaphezulu komhlaba, okuthi ngosuku lombiko, ungokwemvume yokumba ngokumayina, ilungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ilungelo lokumayina, imvume yokugcina noma imvume yokumayina.
a ukuhoxisa noma imigomo eyenziwe ngokwe sigatshana 1 uma izimo ezazibange ukuthi uNgqongqoshe abeke lokho kuhoxisa noma imigomo kungasekho; noma b ashintshe isikhathi, indlela noma umgomo osebenza kunoma yikuphi ukwenqabela noma ukubeka umgomo okwenziwe ngokwesigatshana 1 uma izimo ezazenze ukuthi u Ngqongqoshe anqabe noma abeke umgomo sezishintshile.
U Ngqongqoshe angenza ukuthi uphenyo lweziwe kunoma yimuphi umhlaba ukuthola ukuthi akhona noma yimaphi amaminerali noma isimo sesakhiwo semvelo, ngaphezu noma ngaphansi komhlaba, uma kunjalo, ukuthola uhlobo nobunzulu bawo.
a U Ngqongqoshe kumele anxephezele umnikazi womhlaba okukhulunyelwa phezu kwawo uma kukhona noma yikuphi ukulahlekelwa umonakalo odaleke ngesikhathi sophenyo okukhonjwe kwisigatshana 1.
b U Ngqongqoshe kanye nomnikazi womhlaba bangavumelana ngesinxephezelo esimele sikhokhwe.
c Uma kungekho kuvumelana okufinyelelwa kuko, inani lemali kumele libekwe ngu mlamuli ngoko Mthetho wo Kulamula, ka 1965 u mthetho 42 ka 1965, noma yinkantolo enobuqhudelwano.
b U Ngqongqoshe esebhekelele yonke imibono elethiwe; futhi c isikhathi esiyizinsuku ezingu 30 ngemuva kokuthi u Ngqongqoshe azise umbiko sesidlulile.
a Akukho muntu ongangena kulomhlaba ngenhloso yokwenza uphenyo olukhonjwe kwisi gatshana 1 ngaphandle kokuthi umnikazi, ohlala kuwo noma owuphethe aziswe ngombhalo ngenhloso yokungena nokwenza uphenyo.
b Uma umnikazi, ohlalayo noma umuntu ophethe umhlaba ekukhulunyelwa phezu kwawo engatholakali, isishicilelo sombiko esikhonjwe kwindima (a) kumele sifakwe endaweni ebonakala kalula kulowo mhlaba ngaphambi kowenziwa kophenyo.
Noma yiluphi uphenyo ngokwalesi sigaba kumele lwenziwe ngendlela enciphisa noma egwema noma yimuphi umonakalo kumhlaba noma indawo yokuphila.
Ngokuhambelana nesigatshana , iBhodi lingabonisa u Ngqongqoshe ukuthi alayele onelungelo lokumayina ukuthi athathe izinyathelo zokulungisa uma iBhodi lithola ukuthi amaminerali awamayinwa ngobungcweti nokucophelela ngokohlelo lomsebenzi woku mayina noma ukuqhubeka nalokhu kwenza kuzodala umonakalo kwizinjongo ezikhonjwe kwi sigaba 2(f).
Ngaphambi kokubonisa, iBhodi kumele libheke noma ubuchwepheshe kanye nemithombo yezimali konelungelo lokumayina okukhulunyelwa phezu kwakhe kanye nezimo zezimakethe ezikhona ziyakukhuthaza yini lombono.
a Uma u Ngqongqoshe evumelana nemibono, kumele, kuthi ezinsukwini ezingu 30 kusukela ngosuku lokuthona umbono we Bhodi, azise onelungelo ngombhalo ukuthi athathe lezi zinyathelo zokulungisa njengoba kungabekwa kwi saziso futhi kumele alungise isimo esikhathini esibekwe kwisaziso.
b U Ngqongqoshe kumele anike onelungelo ithuba lokuzimela kulokho okutholwe yi Bhodi ezinsukwini ezingu 60 kusukela ngosuku lwesaziso kanti kumele asho ukuthi ukungathobeli isaziso kungase kuphethe ngokumiswa noma ukwesulwa kwelungelo lokumayina.
a olungelo lokumayina ehluleka ukuthobela umbiko okhonjwe kwi sigatshana 3; noma b ekubhekeleni ukuzimela konelungelo, u Ngqongqoshe ekholwa ukuthi isenzo noma ukungenzi ko nelungelo kuyakuvumela ukumiswa noma ukuhoxuswa kwelungelo.
a ethobela isaziso esikhonjwe kwisigatshana 3; noma b eletha izizathu eziqavile zokuthi kuhoxiswe ukumiswa.
a Lapho izimo zomnotho ezikhona zibanga ukuthi inzuzo yemali yemayini efanele ibe ngaphansi kwamaphesenti angama 6 ngesilinganiso isikhathi esiyizinyanga ezingu 12; noma b uma noma yimuphi umsebenzi wokumayina kufanele uncishiswe noma upheliswe ngokungenzeka ukuthi amaphesenti angu 10 noma ngaphezulu abasebenzi noma abasebenzi abangu 500, noma yikuphi okuncane kunokunye, kungenzeka badilizwe noma nini ezinyangeni ezingu 12.
a ngezimo ezikhonjwe kwisigatshana 1; kanye b nokuthi kusho ukuthini lokhu kuphiliswano-mnotho kanye nakubasebenzi kanye nezincomo ku Ngqongqoshe.
aU Ngqongqoshe, ngokuboniswa yi Bhodi nangemuva kothintana no Ngqongqoshe weza Basebenzi kanye nanoma iyiphi inyunyana ebhalisile noma abantu abathintekayo noma labo ababakhethe ukuthi babamele lapho kungekho inynyana, angalayela onelungelo lokumayina okukhulunywa ngaye ngombhalo ukuthi athathe izinyathelo zokulungisa ngokuhambelana nalezi zindlela nemigomo engabekwa ngu Ngqongqoshe.
b Onelungelo lokumayina kumele athobele izilayelo futhi aqinisekise ngombhalo ukuthi izinyathelo zokulungisa sezithathiwe.
c Uma izilayelo ezikhonjwe kwi ndima a zingathotshelwanga, u Ngqongqoshe anga hlinzeka ngosizo noma afake isicelo enkantolo noma kulawulo lwezomthetho womsebenzi wokumayina.
Ngokuhambelana isigatshana , noma ngubani ofuna ukusebenzisa ingaphezulu lanoma yimuphi umhlaba nganoma iyiphi indlela engase ingahambelani nanoma iyiphi inhloso ya lo Mthetho noma engase ivimbe noma iyiphi kulenhloso kumele afake isicelo ku Ngqongqoshe ukuthi samukelwe ngendlela ebekiwe.
a kwezokulima noma ikuphi okunye okuhambelana nako; noma b ukusetshenziswa komhlaba osendaweni ebekelwe ukuhlela idolobha eseyifakelwe isicela futhi yamukelwa ngokwe sigatshana 1; noma c yikuphi okunye ukusetshenziswa u Ngqongqoshe angakuvuma ngokwazisa kwi Phephandaba lika Hulumeni.
Nakuba kunesi sigatshana 1, u Ngqongqoshe ngokwakhe angathatha isinqumo sokwenza ukuthi kwenziwe uphenyo uma kusolakala ukuthi umuntu ufuna ukusebenzisa ingaphezulu lanoma yimuphi umhlaba nganoma iyiphi indlela engaphetha ngokumayinwa kwemithombo yama minerali acekeleka phansi.
b abeke izinyatheli ekumele zithathwe ukulungisa udaba; futhi c anike lowo muntu ithuba lokuziphendulela ezinsukwini ezingu 30.
Ngemuva kokubheka imiphumela yophenyo olukhonjwe kwisigatshana 3, kanye nanoma yikuphi ukuziphendulela okukhonjwe kwisigatshana 4c, u Ngqongqoshe angalayela lowo muntu ofanele ukuthi athathe izinyathelo ezifanele ukulungisa isimo esikhathini esibekwe kwisi layelo.
b ebeka izimfuno ezingena mqondo ukushintshanisa nokungena kulowo mhlaba; noma c engatholakali ukuze kufakwe isicelo sokungena.
c abeke obala izimiso zalo Mthetho ezephulwa yilomnikazi womhlaba noma ohlala kuwo ngokomthetho; futhi d azise lowo mnikazi womhlaba noma ohlala kuwo ngokomthetho ngezinyathelo ezingathathwa, uma eqhubeka nokwephula izimiso.
I Menenja ye Ndawo, ngemuva kokubheka okuvezwe ngonelungelo ngaphansi kwesigatshana 1 kanye nanoma yikuphi ukuzimela komnikazi womhlaba noma ohlala kuwo ngokomthetho, efinyelela esiphethweni sokuthi umnikazi womhlaba noma lowo ohlala kuwo ngokomthetho angase alahlekelwe noma ukulimalelwa ngenxa yomsebenzi wokumba ngokumayina, ukuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma ukumayina operations, kumele acele abathintekayo ukuthi bazame ukufinyelela kwisivumelwano nomam senkokhelo eyisinxephezelo salokhu kulahlekelwa noma ukulinyalelwa.
Uma i Menenja ye Ndawo, ngemuva kokubheka udaba oluvezwe ngonelungelo ngokwe sigatshana 1 kanye nanoma yikuphi ukuzimela komnikazi womhlaba noma lowo ohlala kuwo ngokomthetho kanye nanoma yiziphi izincomo ezibekwe yi Komidi loku Thuthukisa ezoku Mayina kwisi Funda nasendaweni yokuphila, ibona ukuthi ukuqhubeka nengxoxo kungase kuphazamise izinhloso zalo Mthetho okhonjwe kwisigaba 2c, d, f noma g, i Menenja ye Ndawo angabonisa u Ngqongqoshe ngokuthi lowo mhlaba wabiwe ngokwesigaba 55.
Uma i Menenja ye Ndawo iithola ukuthi okubanga ukwehluleka ukufinyelela kwisivumelwano kubangwa yiphutha lonemvume yokumba ngokumayina, ilungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ilungelo lokumayina noma imvume yokumayina, i Menenja ye Ndawo Ingabhalela lowo onelungelo imenqabele ukuqalisa noma ukuqhubeka nomsebenzi wokuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma ukumayina kulowo mhlaba ekukhulunyelwa phezu kwawo kuze kube ukungezwani kusombululwa ngumlamuli noma inkantolo enobu qhudelwano.
Umnikazi noma ohlala kuwo ngokomthetho umhlaba okuzokwenziwa kuwo umsebenzi wokumba ngokumayina, ukuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma ukumayina kumele azise i Menenja ye Ndawo uma lowomnikazi noma ohlala ngokomthetho engase alahlekelwe noma alinyalelwe ngenxa yomsebenzi wokuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma ukumayina, laphoke lesi sigaba sisebenza khona noshitsho oludingwa yingqikithi.
uma kudingeka ukuze kuphumelele izinhloso ezikhonjwe kwisigaba 2(d), e, f, g no h u Ngqongqoshe, ngokuhambelana nesigaba 252 no 3 so mthethosisekelo, angaba noma yimuphi umhlaba noma ilungelo lakhona bese ekhokha isinxephezelo ngokwawo.
b Noma iyiphi inkomba yalezi zizigabas ezikhonjwe kwindima a ku ''u Ngqongqoshe'' kumele kuthathwe njengenkomba ka Ngqongqoshe ngokuchazwe kulo Mthetho.
e lesuliwe ngokwesigaba 47; noma f lilahliwe.
I Bhodi loku Thuthukisa ama Minerali noku Mayina liyamiswa.
i bika ku Ngqongqoshe nganoma yiluphi udaba oluphathelene nesicelo salo Mthetho; futhi ii buza futhi libikele u Ngqongqoshe nganoma yiluphi udaba oluphathelene nnezinhloso zalo Mthetho.
g abantu ababili abamele izinhlangano ezifanele zomphakathi; kanye h nabanye abantu okungenanit ababili abanowazi, ubungoti nobuchwepheshe ukuthi bakhuthaleze I Bhodi ukwenza umsebenzi walo ngomphumela.
Amalungu e Bhodi kumele akhethe isekela-sihlalo kumalungu alo emhlanganweni wokuqala.
ememezelwe njengongaphili kahle ngengqondo yinkantolo yase Riphabhuliki; noma iii etholwe enecala alenze ngemuva kosuku lokuqala komthethosisekelo, futhi ethweswe isigwebo sejele ngaphandle kwelungelo lokukhetha inhlawulo yemali, ngaphandle kokuthi umuntu ethole ukuxolelwa kwa hulumeni noma ukuxolelwa kwamahhala ngaphambi kosuku lokukhethwa kwakhe.
c lishiya ngokubhalela u Ngqongqoshe futhi Ngqongqoshe amukela ukushiya kwalo; noma d lisuswa ngu Ngqongqoshe e hhovisingaphansi kwe sigatshana 2.
Ilungu le Bhodi liba sehhovisi isikhathi esingeqile kwiminyaka emithathu.
U Ngqongqoshe angaphinda akhethe noma yiliphi ilunga le Bhodi ekupheleni kwesikhathi salo ehhovisi ukuthi liqhubeke eminye iminyaka engeqile kwemithathu.
Uma ilungu le Bhodi lishiya ihhovisi noma lishona, u Ngqongqoshe angagcwalisa isikhala ngokukhetha umuntu ngokwesigaba 592 emkhethela ingxenye yesikhathi sehhovisi salowo amelamayo.
U Sihlalo noma, uma engekho, u Ngqongqoshe kumele aqhube umhlangano we Bhodi.
U Ngqongqoshe, uma ebona kufanele, angabiza umhlangano ophuthumayo we Bhodi.
u Sihlalo noma, uma usihlalo engekho, isekela - sihlalo angaqhuba umhlangano we Bhodi.
Uma bobabili usihlano nesekela sihlalo bengekho emhlanganweni, amalungu akhona kumele akhethe oyedwa wawo ukuthi ame njengo sihlalo kulowo mhlangano.
Ikhoramu quorum yanoma yimuphi umhlangano we Bhodi ingamaphesenti angama 50 amalungu akhethiwe.
Isinqumo seningi lamalungu eBhodi akhona emhlanganweni siba yisinqumo se Bhodi, kanti lapho amavoti elingana kunoma yiluphi udaba lowo oqhuba umhlangano ufaka ivoti elingunqamula juqu.
U Sihlalo kumele ahambise noma iziphi izincomo ze Bhodi ku Ngqongqoshe ezinsukwini ezingama 7 ngemuva kokuthi kwenziwe lesosiphetho yi Bhodi.
I lungu le Bhodi kumele lizivikele ekubandakanyakeni kunoma yiluphi uphenyo, ukuqulwa noma isinqumo mayelana nodaba lelo lungu elinentsheko yemali noma yangokwalo.
I Bhodi kumele limise ikomidi ye Ndawo yoku Thuthukisa uku Mayina ne Ndawo yokuphila ngendlela yokuthi engabekelwa isifunda ngasinye esikhonjwe kwisigaba 7.
I Bhodi lingamisa amanye amakomidi afuthi noma angaleso sikhathi njengoba libona ukusiza ekwenzeni imisebenzi yalo, kanti noma yimaphi kulama komidi lingafaka amalungu angewona amalungu e Bhodi.
I komidi elimiswe ngaphansi kwesigatshana 2, ngokuhambelana nokwamukelwa yi Bhodi, ingamisa amaququ abasebenzayo esikhashana ukusiza ekwenzeni imisebenzi yalo, kanti noma yimaphi lamaququ angafaka abantu abangewona amalungu alama komidi noma I Bhodi.
Uma ikomidi noma iququ labasebenzayoa linamalungu angaphezu kwelilodwa, I Bhodi kumele libeke ilungu lalekomidi noma iququ labasebenzayo njengosihlalo.
I komidi noma iququ labasebenzayo le Bhodi liphendula kwi Bhodi.
Ilungu le Bhodi, ikomidi noma iququ labasebenzayo, ngaphandle kwelungu eliqashwe ngokugcwele ngu Mbuso, kumele likhethwe ngemigomo, ekufaka nemigomo ephathelene nezamaholo neziyekelelo, njengoba u Ngqongqoshe engabeka ngokubonisana no Ngqongqoshe wezezi Mli.
Ngaphezu kwanoma yiluphi uhla u Ngqongqoshe angalucela kwi Bhodi izikhathi ngezikhathi, iBhodi kumele kuthi ngaphambi komhlaka 31 March wonyaka ngamunye ahambise umbiko ku Ngqongqoshe obeka izenzo ze Bhodi zonyaka owandulela lolosuku futhi kumele ufake uhlelo lwebhizinisi lonyaka oluphuma onyakeni odlule.
Imisebenzi yobuphathiswa ye Bhodi kumeleyenziwe ngoso hhovisi bo Mnyango ababekwe ngu Mqondisi-Jikelele ebabekela lenhloso.
Lesi Sahluko si hlinzekela ukukhishwa kwelungelo lokusabalala nelungelo lokukhiqiza kanye nokukhishwa kwezimvume zokuxhumana ngobuchwepheshe kanye nemvume yokumba ngoku mayina.
ilungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, kumele libonwe njwngwnkomba yelungelo lokumba ngokumayina; kanti viii imvume yokumba ngokumayina , kumele ibonwe njengenkomba yemvume yokumba ngokumayina.
U Ngqongqoshe angabeka noma yiluphi uphiko lo Mbuso noma isithunywa esiphethwe nesilawulwa ngokuphelele noma inkampani yo Mbuso ukuthi yenze umsebenzi okhonjwe kulesi Sahluko.
i sibheke kafuthi bese senza izincomo ku Ngqongqoshe mayelana nokwamukelwa kohlelo llokulawula indawo yokuphila, uhla lokulawulwa kwendawo yokuphila , uhla lokuthuthikisa kanye nezichibiyelo zako; bese j senza noma yimiphi eminye imisebenzi, emayelana ne petroliyamu, u Ngqongqoshe angayilayela izikhathi ngezikhathi.
Isithunywa esibekiwe, ngokwamukelwa ngu Ngqongqoshe singahlinzeka ngezinsizakalo zobuchwepheshe kanye nezoxhumano kanye nosizo lwezithunywa ezifanayo zakwamanye amazwe.
U Ngqongqoshe ngokwazisa kwi Phephandaba likahulumeniangamema izicelo zokusabalala nezamalungelo okukhiqiza ngokwe bhulokhi noma ambhulokhi, futhi angabalula kulesi saziso isikhathi ekungafakwa ngaso izicelo kwisithunywa esibekiwe kanye nezindlela nemigomo ekumele lamalungelo akhishwe ngazo.
isithunywa esibekiwe singakwazi ukuzitholela sona izicelo zokusabalala noma nezamalungelo okukhiqiza ngokwama bhulokhi, angahambelani nezimemo ezikhonjwe kwi sigatshana 1.
Isithunywa esibekiwe kumele sazise u Ngqongqoshe ngezicelo ezinsukwini ezingu 7 sizitholile.
b ngendlela ebekiwe; futhi c siphelezelwe inkokhelo ebekiwei engabuyi.
a izidingongqangi ezikhonjwe kwi sigatshana 1 zihlangabeziwe; futhi b kungekho muntu omunye onemvume yokuxhumana ngobuchwepheshe, ilungelo lokusabalala noma ilungelo lokukhiqiza ipetroliyamu kunoma iyiphi ingxenye yendawo.
Uma isicelo singathobeli izidingongqangi zalesi sigaba, isithunywa esibekiwe kumele sazise umfaki sicelo ngombhalo ezinsukwini ezingu 14 sithole isicelo, sibeke nezizathu futhi sibuyise isicelo.
a ukuthi alethe uhlelo lokulawula indawo yokuphila ngokuhambelana nesigaba 39 esikhathini esiyizinsuku ezingu 30 kusukela ngosuku lwesaziso; futhiand b azise futhi athintane nanoma ngubani othintekayo.
d umfaki sicelo enokukwazi ukuthobela izimiso ezifanela zo Mthetho weze Mpilo noku Phepha ezi Mayini, ka 1996 u Mthetho ka 1996; futhi e umfaki sicelo engephulanga noma yimuphi kwzimiso za lo Mthetho.
U Ngqongqoshe kumele enqabe ukukhipha imvume yokumba ngoku mayina uma isicelo singahlangabezani nezi dingongqangi ezikhonjwe kwi sigatshana 1.
Uma u Ngqongqoshe enqaba ukukhipha imvume yokumba ngoku mayina, u Ngqongqoshe kumele, ezinsukwini ezingu 30 ethathe isinqumo, azise umfaki sicelo ngombhalo ngalesi sinqumo kanye nezizathu zaso.
d ayedluliselwa; futhi e ayivuselelwa.
b athobele izindlela nemigomo yemvume yokumba ngoku mayina, kanye nezimiso ezifanele zalo Mthetho kanye nanoma yimuphi umthetho; futhi c akhokhe imali yokumba ngokumayina ebekiwe kwisithunywa esibekiwe.
b ngendlela ebekiwei; futhi c siphelezelwe yinkokhelo yesicelo ebekiwe engabuyi.
a izidingongqangi ezikhonjwe kwi sigatshana 1 zihlangabeziwe; futhi b kungekho mntu omunye onemvume yokuxhumana kwezobu chwepheshe, ilungelo lokumba ngokuayina noma ilungelo lokukhiqiza kunoma iyiphi ingxenye yendawo.
Uma isicelo singazithobeli izidingongqangi zalesi isigaba, isithunywa esibekiwe kumele sazise umfaki sicelo ngombhalo ngaloku ezinsukwini ezingu 14 sithole isicelo bese sibuyisela isicelo.
a umfaki sicelo enokufinyelela kwimithombo yezimali futhi engakwazi ukuqhuba ukufunda ngezo kuxhumana kwezobu chwepheshe kanye nobude bohla lwezokuxhumana kwezobu chwepheshe; futhi c umfaki sicelo engephulanga nanoma yiziphi izimiso zalo Mthetho.
U Ngqongqoshe kumele anqabe ukukhipha imvume yokuxhumana kwezobu chwepheshe uma isicelo singa hlangabezani nezi dingongqangi ezikhonjwe kwi sigatshana.
Uma u Ngqongqoshe enqaba ukukhipha imvume yokuxhumana kwezobu chwepheshe, u Ngqongqoshe kumele, kuthi ezinsukwini ezingu 30 ethathe isinqumo, azise umfaki sicelo ngombhalo ngalesi sinqumo kanye nezizathu saso.
c ayedluliselwa; futhi d ayivuselelwa.
Onemvume yokuxhumana kwezobu chwepheshe, ngokuhambelana nesigaba 79, unelungelo elikhethekile lokufaka isicelo selungelo lokumba nokumayina futhi akhishelwe lona mayelana nendawo anemvume kuyo.
a aqhube ngokukhuthala umsebenzi wokufunda ngoku xhumana kwezobu chwepheshe ngokuhambelana nohla lwezokuxhumana kwezobu chwepheshe; futhi b athobele izindlela nemigomo yemvume yokuxhumana kwezobu chwepheshe, izimiso zalo Mthethoezifanale kanye nanoma yimuphi omunye umthetho.
b ngendlela ebekiwei; futhi c asihambise nenkokhelo yesicelo ebekiwe engabuyi.
a izidingongqangi ezikhonjwe kwis igatshana 1 zihlangabeziwe; futhi b kungekho muntu omunye onmvume yokuxhumana kwezobu chwepheshe, ilungelo lokusabalala noma ilungelo lokukhiqiza kunoma iyiphi ingxenye yendawo.
Uma isicelo singazithobeli izidingongqangi zalesi sigaba, isithunywa esibekiwe kumele sazise umfaki sicelo ngombhalo ezinsukwini ezingu 14 sithole isicelo kanye nezizathu zaloko bese sibuyisela kuyena.
a ukuthi athintane nanoma ngubani othintekayo amazise; futhi b alethe uhla lokuthuthukiswa kwendawo yokuphila ngokwesigaba 39 esikhathini esiyi zinsuku ezingu 120 ethole isaziso.
Noma iyiphi imvume yokuxhumana kwezobu chwepheshe ephathelene nokufakwa kwesicelo selungelo lokusabalala ngokwe sigatshana 1, ngaphandle kokululaza usuku lokuphelelwa yisikathi, iyoqhubeka nokusebenza kuze kube ngabe lesi sicelo siyamukelwa noma siyenqatshwa.
f umfaki sicelo ethobele izindlela nemigomo yemvume yokuxhumana kwezo buchwepheshe, uma kufanele; futhi g ukukhishwa kwaleli lungelo kuzoqhuba izinhloso ezikhonjwe kwisigaba 2d nof.
U Ngqongqoshe ngemuva koku bhekelela isidingo kanye nobunzulu bomkhankaso, angacela ukuthi umfaki sicelo anike isigaba 2d umphumela.
U Ngqongqoshe kumele anqabe ukukhipha ilungelo lokusabalala uma isicelo singahlangabezani nezi dingongqangi ezikhonjwe kwisigatshana 1.
Uma u Ngqongqoshe enqaba ukukhipha ilungelo lokusabalala, u Ngqongqoshe kumele, kuthi ezinsukwini ezingu 30 ethathe isinqumo, azise umfaki sicelo ngombhalo ngesinqumo nezizathu sazo.
ilungelo lokusabalala limele ukuhambelana nezindlela nemigomo ebekiwe futhi lisebenza isikhathi esibalulwe kwilungelo, ekungamele seqe iminyaka emithathu.
b ngendlela ebekiwe; futhi c siphelezelwe yinkokhelo yesicelo ebekiwe engabuyi.
c siphelezelwe umbiko okhomba indlela yokuthobela izidingongqangi zohla lokulawulwa kwendawo yokuphila, ukuvuselelwa okumele kuphethwe kanye nochithomalo lwako; kanye d nohla olwenabile lomsebenzi wokusabalala lwesikhathi esivuselelwe.
b uhla lokusebenza ngokusabalala; futhi c izidingongqangi zohla olwamukeliwe lokulawulwa kwendawo yokuphila.
Ilungelo lokusabalala lingavuselelwa ubuningi bezihlandla ezintathu ezingubude obungeqile kwiminyaka emibili isihlandla ngasinye.
ukusabalala okufakelwe isicelo sokuvuselelwa, ngaphandle kokululaza usuku lokuphelelwa yisikhathi, kuyoqhubeka nokusebenza kuze kube ngabe leso sicelo siyamukelwa noma siyachithwa.
e akhokhe imali yokusabalala ebekiwe kwisithunywa esibekiwe; futhi f aqalise umsebenzi wokusabalala ezinsukwini ezingu 90 kusukela liqalile ukusebenza ilungelo lokusabalala noma kuleso sikhathi esengezwe ngokugunyazwa ngu Ngqongqoshe.
b ngendlela ebekiwei; futhi c asihambise nenkokhelo yesicelo ebekiwe engabuyi.
a izidingongqangi ezikhonjwe kwi sigatshana 1 zihlangabeziwe; futhi b kungekho muntu omunye onemvume yokuxhumana kwezobu chwepheshe, ilungelo lokusabalala noma ilungelo lokukhiqiza ipetroliyamu kunoma iyiphi ingxenye yendawo efakelwe isicelo.
Uma isicelo singazithobeli izidingongqangi zalesi sigaba, isithunywa esibekiwe kumele sazise umfaki ngombhalo ngaloku ezinsukwini ezingu kutholwe isicelo, bese sibuyisele isicelo,.
b ahlole umfutho kwindawo yokuphila bese ehambisa uhla lokulawulwa kwendawo yokuphila ukuthi lwamukelwe ezinsukwini ezingu 180 kusukela ngosuku lwesaziso ngokwesigaba 39.
i ukukhishwa kwaleli lungelo kuzofeza izinhloso ezikhonjwe kwi sigaba 2d no f futhi kuhambisana nohla lwamalungelo olukhonjwe kwisigaba 100 kanye nohlelo olubekiwe lomhlaba nokusebenza.
U Ngqongqoshe kumele anqabe ukukhipha ilungelo lokukhiqiza uma isicelo singa hlangabezami nezi dingongqangi ezikhonjwe kwi sigatshana 1.
Uma u Ngqongqoshe enqaba ukukhipha ilungelo lokukhiqiza, uNgqongqoshe kumele, kuthi ezinsukwini ezingu 30, azise umfaki sicelo ngombhalo ngalesi sinqumo nezizathu zaso.
Iungelo lokukhiqiza lifanele ukuhambelana nezindlela nemigomo ebekiwe futhi lisebenza isikhathi esibalulwe kwi lungelo, ekumele singeqi iminyaka engu 30 lilinye.
ilungelo lokukhiqiza elikhishwe ngokwe sigatshana 1 liqala ukusebenza ngosuku okwamukelwa ngalo uhla lokulawulwa kwendawo yokuphila ngokwe sigaba 394.
c siphelezelwe umbiko obonisa ukuthobelwa kwe zidingongqangi zohla lokulawulwa kwendawo yokuphila, ukuvuselela okusamele kuqedelwe kanye nezindleko zako; kanye d nohla olwenabile lomsebenzi wokukhiqiza lwesikhathi esengeziwe.
c izidingongqangi zohlelo lokuphilisana nokusebenza olubekiwe; kanye d nezidingongqangi zohla lokulawulwa kwendawo yokuphila olwamukeliwe.
Ilungelo lokukhiqiza lingavuselelelwa ezinye izihlandla okungamele seqe iminyaka engu 30 sisinye.
ilungelo lokukhiqiza elifakelwe isicelo sokuvuselela , liyochitha usuku lwalo lokuphelelwa yisikhathi, lihale lisebenza kuze kube ngabe lesi sicelo siyamukelwa noma siyachithwa.
b ulungelo elikhethekile lokugudlula futhi alahle noma iyiphi ipetroliyamu etholakale ngesikhathi ekhiqiza; futhi c angadlulisela futhi avimbe ilungelo lokukhiqiza, ngokuhambelana nesigaba 11.
f aqalise umsebenzi wokukhiqiza kunyaka owodwa kusukela ilungelo lokukhiqiza liqale ukusebenza ngokwesigaba 845 noma lesosikhathi esengezwe ngokukugunyazwa ngu Ngqongqoshe; futhi g athobele uhla lokulawulwa kwendawo yokuphila kanye nohlelo lophiliswano nokusebenza.
Uma ilungelo lokusabalala noma ilungelo lokukhiqiza likhishelwe indawo ngokwesakhiwo semvelo eyingxenye yomthombo we petroliyamu eseyinanoma imaphi amalungelo okusabalala noma ukukhiqiza, abanalama lungelo kumele balungise uhlelo lokusungula umthombo we petroliyamu ozimele futhi kumele bahambise loluhlelo kwisithunywa esibekiwe ukuthi u Ngqongqoshe asamukele ngokuhambelana nezindlela nemigomo yamalungelo abo okusabalala noma okukhiqiza ngokuya ngabanako.
Onanoma iyiphi imvume noma ilungelo owenza umsebenzi wokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, izifundo zukuxhumana kwezobu chwepheshe, umsebenzi wokusabalala noma imisebenzi yokukhiqiza kumele ahaambise lemininingwane, ulwazi, imibiko kanye nezihumusho kwisithunywa esibekiwe njengoba kubekiwei.
a esingeqile kwiminyaka emine kusukela ngosuku lokucelwa; noma b esiphela ngosuku imvume noma amalungelo aphathelene nalemininingwane, ulwazi, imibiko kanye nezihumusho kuphelelwe yisikhathi noma kwesuliwe noma kunqanyuliwe, noma indawo ephathelene nalezi zimvume noma amalungelo isilahliwe noma iqediwe.
a ophendula ngokukhishwa ngokwethembeka noma ngephutha imininingwane noma ulwazi olulethwe ngokwa lo Mthetho; futhi b abaqinisekisa ububona noma ukuphelela kwale mininingwane noma ulwazi noma izihumusho zako.
Isiqiniseko sezimali ngaphezu kwesigaba 5 , akukho msebenzi wokusabalalano noma umsebenzi wokukhiqiza ongaqala ngaphandle kokuthi onamalungelo ofanele ehlinzeke ngezimali ezamukelekile kwi sithunywa esibekiwe okuqinisekisa ukuba khona kwemali eyanele ukufeza lonke uhla lwemisebenzi yokusabalala nokukhiqiza ngonelungelo noma imvume.
U Ngqongqoshe angesula noma amise noma iyiphi imvume yokumba ngoku mayina, imvume yokuxhumana kwezobu chwepheshe, ilungelo lokusabalala noma ilungelo lokukhiqiza ngokuhambelana nezindlela ezikhonjwe kwisigaba 47.
U Ngqongqoshe angabeka noma iliphi ilugnu le Bhodi, iMenenja ye Ndawo noma ummeli we hhovisi, ukuthi abe yisi phathimandla, esenza imisebenzi ekhonjwe kwisigatshana nakwiisigaba 92.
Umuntu othweswe amandla kumele anikwe isitifiketi esisayinwe ngu Ngqongqoshe esisho ukuthi uthweswe amandla ngaphansi kwe sigatshana 1.
Owethweswe amandla kumele, ngokucelwa yinoba ngubani, abonise lowo muntu isitifiketi esikhonjwe kwisigatshana 2.
umuntu okuthathwe kuye ukuphatha noma iliphi ibhuku, isishicilelo noma ibhukwana sekuhlangene nezishicilelo zomshini noma ulwazi, angenza izimpinda kabili zako noma zezitomulo ngezindleko zakhe nangaphansi kweso lomuntu othweswe amandla.
Iwaranti ekhonjwe kwi sigatshana 4 kumele ikhishwe yimantshi eyisishayamthetho, kuloludaba futhi ingakhishwa kuphela uma yanelisekile ukuthi kunezizathu eziqavile zokukholwa ukuthi noma imaphi amathuluzi, okuthile, izinto zokusebenza , ibhuku, isishicilelo, isitatimende noma ibhukwana imininingwane egcinwa emshinini, amabhukwana noma ulwazi olungathintana nokwephulwa kwalo Mthetho, kukuleyo ndawo, noma kukumuntu okuleyondawo efunelwa.
a Uma kungekho zinyathelo zokwephula umthetho ezithathwayo mayelana nanoma yikuphi okuthathwe ngokwe sigatshana 4, noma uma kubonakala ukthi leyonto ethile ayidingekeli ubufakazi noma inqubo yenkantolo leyoyinto kumele ibuyiselwe kumuntu ethathwe kuye ngokushesha.
b Ngemuva kokuphetha inqubo yophenyo ngobugebengu noma yini ethathwe ngokwe sigatshana 4 futhi esebenze njengobufakazi lapho umuntu etholwe enecala kumele inikwe owethweswe amandla ukuthi ayibulale noma enze njengoba kulayele inkantolo.
b angacela onelungelo, imvume noma umuntu ophethe kuleyo ndawo noma ngubani owenza noma ophethe okwenzekayo, okuqhubekayo noma umsebenzi ukuthi akhiphe noma iyiphi incwadi, isishicilelo noma elinye ibhukwana sekuhlangene nebhukwana lomshini, , imininingwane noma ulwazi oluthintene nodaba okuphezu kwalo kulo Mthetho ukuze kwenziwe uphenyo, noma ngenhloso yokuthola izimpinda kabili zako noma izitomulo zako.
i angalayela lowo onelungelo noma imvume efanele, noma umuntu ophethe kuleyo ndawo, noma ngubani owenza noma ophethe okwenzeka noma umsebenzi noma imenenja, osemthethweni, oqashiwe noma isithunywa salowo onelungelo noma imvume, ukuthi athathe izinyathelo zokulungisa ngokushesha; noma ii alayele ukuthi ingxenye yomsebenzi noma umsebenzi wokumba ngokumayina, wokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, wokusabalala, wokumayina, wokukhiqiza noma wokuhlaziya umiswe noma upheliswe, futhi aphane ngalezo zilayelo eziphathelene naloku njengoba kunga dingeka.
U Mqondisi-Jikelele kumele aqinise noma abeke eceleni noma isiphi sezilayelo ezikhonjwe kwi sigatshana (a) noma (b).
U Mqondisi - Jikelele kumele azise lowo onelayisense noma imvume ofanele nanoma ngubani okhonjwe kwi sigatshana 1 ngombhalo ezinsukwini ezingu 60 ngemuva kokuthi isilayelo esikhonjwe kwi sigatshana 1a noma b sesibekwe eceleni noma sesiqinisekisiwe, ngemuva kwaloko isilayelo siphelelwa yisikhathi.
Akukho muntu ongaphazamisa, avimbe noma aphikisane nomuntu owethweswe amandla nanoma ngubani omunye umuntu owenza imisebenzi yakhe noma ukusebenzisa amandla akhe ngokwalo Mthetho.
b ngokuthi lowo onelungelo noma imvume wenza umsebenzi wakhe wokuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma ukumayina, njengoba kungenzeka, ngendlela ephambene nezinhloso ezikhonjwe kwisigaba 2e no f futhi nangoku phambana nohlelo lokuphilisana nokusebenza; noma c loko kwenza noma umsebenzi owenziwa yilona onelungelo noma imvume awuthobeli noma isiphi kwizimiso za lo Mthetho, nanoma iyiphi indlela noma umgomo waleli lungelo noma omunye umthetho.
Ngenxa yezinhloso zalesi sigaba, ukulimala ngokomsebenzi kusho ''ukulimala ngokomsebenzi'' njengoba kuchazwe kwisigaba 1 so Mthetho woku Khuluma oku Vikeliwe, ka 2000 u Mthetho 26 ka 2000.
Isikhalo ngokwe sigatshana 1 asisichithi isinqumo sobuphathiswa, ngaphandle kokuthi simiswe ngu Mqondisi-Jikelele noma the ngu Ngqongqoshe, njengoba kungenzeka.
Akukho muntu ongafaka isicelo sokubuyekezwa kwesinqumo sobuphathiswa esikhonjwe kwi sigatshana 1 kuze kube ngabe lowo muntu usewasebenzise wonke amakhambi ngokwalesi sigatshana.
a lihanjiswe ngesandla kulowo muntu; noma b lithunyelwe ngeposi eliyi rejista ebhizinisini alagcina laziwa lalowo muntu, ikheli lebhokisi leposi noma ikheli lasekhaya.
Noma yisiphi isaziso, isilayelo, ukutshelwa noma iliphi elinye ibhukwana elikhishwe ngokwalo Mthetho liyasebenza ngokwawo, nakuba kunokushoda kwi fomu noma kumandla a sohhovisi okhiphe noma oyigunyazile inqobo nje uma lawo mandla egcina enikwe lowo sohhovisi.
f ngokwesephulo mthetho esikhonjwe kwisigaba 98c, inhlawulo yemali engeqile ku R500 000 usuku ngalunye lowomuntu eqhubeka nokwephula lezo zimiso ezibaliwe.
Nakuba kunanoma yini ephambana nanoma yimuphi omunye umthetho, inkantolo yemantshi ingakhipha noma iyiphi inhlawulo ehlinzekelwe kulo Mthetho.
a ngemuva kokuthintana no Ngqongqoshe weze Zindlu, asungule izimo zezindlu nezokuphila ezisezingeni zemboni yama minerali; futhi b asungule ukwenza okuhle kweMboni yama minerali kwi Riphabhulikhi.
a aqinisekise ukufinyelela kwizinhloso zika Hulumeni zokuqeda umlando wokungalingani kwezophiliswano nezomnotho njengoba kubalulwe ku mthethosisekelo, u Ngqongqoshe kumele kuthi ezinyangeni eziyisithupha kusukela uqale ukusebenza lo Mthetho asungule uhla lwamalungelo olusabalele lokwethwesa amandla ophiliswano-mnotho oluzokwendlala uhlaka, izinhloso kanye nethebula yesikhathi yokuphumelelisa ukungena kwalabo abanomlando wokucindezeleka kwimboni yokumayina, nokuvumela laba base Ningizimu Afrika ukuthi bazuze ekusebenziseni ukumayina kanye nemithombo yama minerali.
b Uhla lwamalungelo kumele lubeke, phakathi kokunye ukuthi zingaphumeleliswa kanjani izinhloso ezikhonjwe kwizigaba 2c, d, e, f no i.
Uma onelungelo noma imvume yokuqasha noma ngubani noma eqasha inkontilaka ukuthi yenze noma yimuphi umsebenzi ngaphakathi kwemingcele yendawo yokumba ngokumayina, ukumayina, ukuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ukusabalala, ukukhiqiza noma yokugcina, njengoba kungenzeka, lowo onelayisensi kuhlala kungu msebenzi wakhe ukuthobelwa kwa lo Mthetho.
Imvume yokumba ngokumayina, ilungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ilungelo lokumayina, imvume yokumayina, imvume yokugcina, imvume yokuxhumana kwezobu chwepheshe, imvume yokumba ngokumayina, ilungelo lokusabalala kanye nohla lokusebenza ngelungelo lokukhiqiza; uhlelo lomsebenzi woku mayina, uhla lokulawulwa kwendawo yokuphila, uhlelo lokulawula indawo yokuphila aluchibiyelwa noma lushintshashintshwe (sekuhlangene nokwengeza indawo embozwe yiyo noma ngokwengeza ama minerali noma isheya noma amasheya noma ugqinsi lwamalahle, imikhakha enama minerali, noma isendlalo, okungeyona inhloso yakho ngaleso sikhathi) ngaphandle kwemvume ya Ngqongqoshe ebhaliwe.
U Ngqongqoshe, ekwedluliseleni noma yimaphi amandla noma ukwedlulisela noma yimuphi umsebenzi ngaphansi kwe sigatshana 1, anga gunyaza ukuphinda kwedluliselwe lawo mandla kanye nokuphina kwedluliselwe lowo msebenzi yolowo obe dluliselelwe.
U Mqondisi-Jikelele, i Menenja ye Ndawo nanoma imuphi u sohhovisi owedluliselelwe amandla noma umsebenzi yilo Mthetho noma ngaphansi kwa lo Mthetho, angedlulisela kunoma yimuphi uso hhovisi ngombhalo lawo mandla noma umsebenzi.
a ahoxise ukwedlulisela amandla noma ukwenza umsebeni obe kwenziwe ngokwe sigatshana 1, 2 noma 3, njengoba kungenzeka; futhi b anga hoxisa noma achibiyele noma yisiphi isinqumo esithathwe yilowo muntu osebenzisa amandla noma ubenza umsebenzi abe dluliselelwe kona ngokwesigatshana 1, 2 noma 3, njengoba kungenzeka.
U Ngqongqoshe, uMqondisi-Jikelele, i Menenja ye Ndawo noma noma u sohhovisi akephucwa noma yimaphi amandla noma akhishwe kunoma yimuphi u msebenzi adluliselwe wona.
a lisebenza isikhathi esi ngeqi kwi minyaka emi hlanu kanti singa vuselelelwa izikhathi ezingeqi kwimi nyaka emihlanu; kanti b ngoku hambelana nezindlela nemigomo ebekiwe.
a aka tholakali; noma b usa shona futhi akukho muntu olindeleke ukuthi amelame otholakalayo.
a angamkhiphela imvume lowo muntu ukuthi afake isaziso endaweni esolubala kulowo mhlaba bese engena kulowo mhlaba ophathelene nesi celo; futhi b anga bekela lowo muntu ezinye izindlela nemigomo njengoba I Menenja ye Ndawo inga bona.
U Ngqongqoshe ngokufaka isaziso kwi Phepha ndaba lika Hulimeni, angaxolela noma yiluphi uphiko lo Mbuso kwi zimiso ze zigaba 16, 20, 22 no 27 ngokwa noma yiziphi izenzo zokugudlula ama minerali ukuze kwakhiwe umgwaqo, kwakhiwe idamu noma ezinye izinjongo ezinga balulwa kwi saziso.
Nakuba kune sigatshana 1, uphiko lo Mbuso olu xolelwe ngale ndlela kumele lulethe uhla loku lawulwa kwendawo yokuphila ukuthi lwa mukelwe ngokwe sigaba 394.
Noma yimuphi umnikazi wendawo noma ohlala kuyona ngoko mthetho othatha inhlabathi, amatshe, umgubu noma isidaka ngoku ngemthetho ekuthathela ukulima noma ukukhuthaza inqubekela phambili emayelana nalo mhlaba noma uku thuthukisa mphakathi, uya xolelwa kwi zimiso zesi gatshana 1 inqobo nje uma leyo nhlabathi, amatshe, umgubu noma isihlabathi kunga dayiswa noma kulahlwe.
k nanoma yiluphi udaba olungase noma okumele lubekelwe ngokwa lo Mthetho; kanye l nanoma yiluphi olunye udaba inqubomgomo yalo engase idingeke noma ifaneleke ukufeza izinhloso za lo Mthetho.
Noma iyiphi inqubomgomo eyenziwe ngaphansi kwalesi sigaba ingahlinzekela ukuthi noma ngubani ophambana nale nqubomgomo noma owehluleka ukuyi thobela, uyothweswa icala lokwe phula umthetho kanti ufanele inhlawulo yemali noma ukuvalelwa ejele isikhathi esingeqile izinyanga eziyi sithupha lapho etholwa enecala.
Kunoma iyiphi inqubo yomthetho ngokwa lo Mthetho noma isiphi isi tatimende, ukufaka noma imininingwane kunoma yiliphi ibhuku, uhlelo, isishicilelo noma elinye ibhuku elamukeleke njengobufakazi bama qiniso kulona ngumuntu oyenze, oyifake, oyishicilele noma oyigcine njengoba ibonakala ngo kokuqala.
Lo Mthetho ubophezela u Mbuso ngangokuba icala lobugebengu lifanele.
Izinsuku ezahlukene zingabekwa nazo ngokwe zimiso ezahlukene za lo Mthetho.
Uku chibiyelwa kwe sigaba ngo kudluliselwa kwa magama ''noma kwesenzo sokubambisa nga malungelo ama minerali''.
kanye b nokwesulwa kwe ncazelo ye nkontilaka yokuhlola ubukhona bokunga mayinwa''.
'isheya', ngoko mhlaba kanye nama lungelo ama minerali kusho amasheya angehlukanisiwe;''.
ngokwaleyo ngxenyana yomhlaba, nanoma yimuphi omunye umhlaba oncikene nawo, noma yiliphi ilungelo lama minerali kuleyo ngxenyana yomhlaba noma yimaphi amanye ama lungelo okungawa banikazi ababili noma ngaphezulu kuma sheya, kuyo kwanela uma isi vumelwano sisayinwe ngaba nikazi noma abana malungelo anbangenga phansi kokuthathu kokune kwama sheya kuleyo ngxenye yomhlanba noma ama lungelo, njengoba kungenzeka;'' futhi c ngokukhipha isigatshana 2sendima iii yesimo sendima (d).
amasheya kuleyo ngxenyana yo mhlaba noma lawo malungelo, njengoba kungenzeka; kanye''.
viii ''ilungelo lenqubo endala elinga setshenzisiwe'' lisho noma yiliphi ilungelo, ukugunyazeka, imvume noma ilayisensi ebalwe kwi Thebula Table 3 yale Sheduli okwaku qhutshwa ngayo ukuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma ukumayina ngaphambi kokuthi lo Mthetho uqale ukusebenza.
Noma yisiphi isicelo semvume yokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, isigunyazo sokumayina, imvume yokumba ngoku mayina, imvume yoku mayina noma imvume yokususa nokulahla noma yimaphi ama minerali efakiwe, kodwa engaka phethwa, ngokwe sigaba 6, 8 noma 9 so Mthetho wama Mineralingaphembi kokuthi lo Mthetho uqale ukusebenza kumele uthathwe njengo sowubekiwe ngokwe sigaba 13, 22, 27, 79 noma 83 salo Mthetho, njengoba kungenzeka.
Uma noma yisiphi isicelo esikhonjwe kudatshana 1 singa hlangabezani nezi dingongqangi za lo Mthetho, i Menenja ye Ndawo ekukhona kuyo lomhlaba ophathelene nesicelo kumele ilayele direct umfaki sicelo ukuthi alethe imininingwane esasele ezinsukwini ezingu 120 kuphume lesi silayelo.
Noma yiluphi uhla loku lawulwa kwendawo yokuphila olulethelwe ukuthi lwamukelwe ngokwe sigaba 391 so Mthetho wama Minerali ebesingaka mukelwa lapho lo Mthetho uqalisa kumele luthathwe njengobese lumisiwe ngokwesigaba 39 salo Mthetho.
Uma uhla lokulawulwa kwendawo yokuphila lunga hlangabezani nezi dingongqangi zalo Mthetho, i Menenja ye Ndawo ephathelene nohlela lokulawulwa kwendawo yokuphila kumele ilayele umbambi ofanele ukuthi alethe imininingwane eesasele.
Noma yikuphi ukuqashisa safuthi kwe OP26 oku sebenzayo ngaphambi kokuqala kokusebenza kwa lo Mthetho kuyaqhubeka ngokuhambelana nezindlela nemigomo ekwakhishwa ngaphansi kwayo kuze kube ngabe kuyaqedwa noma kuphelelwa yisikhathi noma kuze kufike umhlaka 30 June 2007, noma yikuphi okufika kuqala.
g nendlela ebonisa, nesitatimende esikhomba indlela , lowo onesiqashisi sakabusha azofeza ngayo izinhloso ezikhonjwe kwisigaba 2d no 2f; kanye h nencwajana yesifungo sobufakazi affidavit efakaza ukuthi umbambi uqhuba noma ubeqhuba umsebenzi woku sabalala endaweni yo mhlaba ukuguqula okuphathelene nako kanye nokubonisa izikhathi ekwaguqulwa ngazo imisebenzi yoku sabalala kanye nemi phumela yako.
c ebonisa ukuthi uzoqhubeka nokwenza umsebenzi woku sabalala ekugiqulweni kwaleli lungelo; futhi d useyikhokhile imali yokuguqula ebekiwe.
Akukho zindlela nemigomo esebenza ekuqashiseni kabusha eqhubeka noku sebenza uma inga hambelani nanoma yiziphi izimiso zo mthethosisekelo noma lo Mthetho.
Umbambi kumele afake ilungelo eliguqulwe ngaphansi ko datshana 3 ezinsukwini ezingu 90 kusukela ngosuku athole ngalo inguquko e Hhovisi lama Tayiteli oku Mayina ukuthi libhaliswe ngesikhathi esifanayo nase hhovisi leZenzo zo Mthetho noma e Hhovisi lama Tayiteli oku Mayina ukuthi kwesulwe uqashiso lwakafuthi lwe OP26 njengoba kungenzeka.
Noma yiluphi uqashiso lwakafuthi lwe OP26 obelusebenza ngesikhathi kuqale lo Mthetho ukusebenza luyaqhubeka noku sebenza iminyaka emihlanu kusukela ngosuku lo Mthetho oqale ngalo ukusebenza, ngokuhambelana nezindlela nemigomo olwakhishwa ngaphansi kwayo.
i ukuqashisa okungu msuka kanye nohla oluwamukeliwe loku lawulwa kwendawo yokuphila, noma izimpinda kabili eziqinisekisiwe zako; kanye j noku zinikela, kanye nesi tatimende esikhomba indlela, umbambi wesiqashisi azonika ngayo umfutho inhloso ekhonjwe kwisigaba 2d and 2f.
c ebonisa ukuthi uzoqhubeka noku khiqiza uma seku guqulwe ukuqasha; futhi d eseyikhokhile imali yokuguqula ebekiwe.
Akukho izindlela nemigomo ephathelene nokuqasha eqhubeka nokusebenza uma iphambene nanoma yiziphi izimiso zo mthethosisekelo noma lo Mthetho.
Umbambi kumele ahambise ilungelo eliguqulwe ngaphansi kodatshana 3 ezinsukwini ezingu 90 kusukela ngosuku athole ngalo isaziso ngo guquko e Hhovisi lama Tayiteli oku Mayina ukuthi libhaliswe futhi ngesikhathi esisodwa e Hhovisi loku Bhalisa imi Hlaba noma e Hhovisi lama Tayiteli oku Mayina ukuthi libhaliswe ku qashiso lweOP26e, njengoba kungenzeka.
Uma umbambi ehluleka ukufaka isiqashiso ukuthi siguqulwe ngaphambi kokuphela kwesikhathi esikhonjwe ku datshana 1 ukuqashisa kafuthi kuya phela.
Ngoku hambelana no datshana no , noma ngubani onelungelo lwenqubo endala lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa elisebenza ngaphambi kokuqala kwa lo Mthetho liya qhubeka ukusebenza isikhathi esiyi minyaka emibili kusukela ngosuku okuqale ngalo lo Mthetho ukusebenza ngoku hambelana nezindlela nemigomo elakhishwa ngalo noma ekwathathwa ngokuthi lakhishwa ngalo.
j yonke imi niningwane youkuhlola ubukhona bokunga mayinwa kanye nemiphumela yako ehlobene namalungelo.
d enohla olwamukeliwe loku lawulwa kwendawo yokuphila; and e esekhokhe imalo yokuguqula ebekiwe.
Akukho zindlela nemigomo esebenza kwi lungelo lenqubo yakudala lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa eqhubeka noku sebenza uma iphambana nanoma yiziphi zo mthethosisekelo noma lo Mthetho.
kusukela ngosuku athole ngalo isaziso soguqulo e Hhovisi lama Tayiteli oku Mayina ukuthi libhaliswe ngesikhathi esifanayo nase Hhovisi le Zenzo zomthetho noma e Hhovisi lama Tayiteli oku Mayinaukuthi le sulweleli lungelo lenqubo yakudala lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, njengoba kungenzeka.
UMthetho 47 ka 1937, noma UMthetho wama Tayiteli oku Mayina, ka 1967 UMthetho 16 ka 1967, phezu kwelungelo lenqubo yakudala lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, ilungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa eliguqulelwe kulona kumele libhaliswe ngokwe zimiso za lo Mthetho ngokuhambelana nalesi sibambiso, kanti umbhalisi ofanele kumele enze isigxivizo kuwona wonke ama bhukwana afanele kanye nokufaka kwizi bhalisi njengoba kunga dingeka ukunika lolu datshana umfutho, ngaphandle kwenkokhelo yokwedlulisa, inkokhelo yesitembu, imali yokubhalisa noma izinkokhelo.
Eku guqulweni kwelungelo lenqubo yaku dala lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa kanye nokubhaliswa kwelungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa eli guqulelwe kulona, ilungelo lenqubo yakudala lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa liyaphela.
Uma umbambi ehluleka ukuhambisa ilungelo lenqubo yaku dala lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa ukuthi li guqulwe ngaphambi kosuku lokuphelelwa yisikhathi olukhonjwe ku datshana 1, ilungelo lenqubo endala lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa liyaphela.
j nomsuka welungelo lenqubo yakudala kanye nohla olwa mukeliwe loku lawulwa kwendawo yokuphila noma izi shicilelo ezi qinisekisiwe zako; kanye k noku zinikela ukuthi, nange ndlela, umbambi azonika ngayo umfutho izinhloso ezikhonjwe kwi sigaba 2d no 2f.
d enohla olwa mukeliwe loku lawulwa kwendawo yokuphila; futhi e esekhokhe nemali ebekiwe yoku guqula.
Akukho zindlela namigomo ephathelene nelungelo lenqubo yakudala eliqhubeka noku sebenza uma liphambene nezimiso zo mthethosisekelo noma lo Mthetho.
Noma yiliphi ilungelo lenqubo yakudala elinga setshenziswa elikhona ngaphambi kokuqala kwa lo Mthetho ukusebenza liyaqhubeka nokusebenza ngoku hambelana nezindlela nemigomo elakhishwa noma ekwathathwa ngokuthi likhishwe ngaphansi kwayo, isikhathi esingeqi kunyaka owodwa kusukela ngosuku lo Mthetho uqale ukusebenza.
Lowo onelungelo lenqubo yakuqala elingaka sebenzi umelungelo elikhethekile lokufaka isicelo selungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma a ilungelo lokumayina, njengoba kungenzeka, ngokwa lo Mthetho esikhathini esikhonjwe ku datshana 1.
Ilungelo lenqubo yakudala elingaka setshenziswa eselifakelwe isicelo esikhathini esikhonjwe ku datshana 1 lihlala lisebenza kuze kufike leso sikhathi isicelo selungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma ilungelo lokumayina, njengoba kungenzeka, siyamukelwa noma siya chithwa futhi kubhekwane naso ngokwa lo Mthetho noma siye nqatshwa.
d ngokwe sigaba 127, 128 noma 129 sifundwa nesigaba 130 so Mthetho wama Lungelo oku Mayina, ka 1967 UThetho 20 ka 1967; noma g ngokugunyazwa yisibambiso ngaphansi kwe sigaba 158 so Mthetho wama Lungelo oku Myinas, ka 1967 UMthetho 20 ka 1967, njengoba kungenzeka, futhi usebenza ngokwe sigaba 48 so Mthetho wama Minerali ngaphambi kokuthi lo Mthetho uqale ukusebenza, uhlala usebenza ngoku hambelana nezindlela nemigomo owakhishwa noma owafunwa ngaphansi kwayo futhi okhona kwi bhukwana noma ama bhukwana afanele oqhubeka ukuba khona ngaphansi kwawo noma oqhubeka noku sebenza nakulezo zimo lapho uxhumene khona nama lungelo enqubo yakudala uyohlala usebenza ngaphandle koku lulaza ukuphela noma ukuba khona kwe lungelo lenqubo yakudala aye xhumene nalo uma lelo lungelo lenqubo yakudala lithathelwa indawo yilungelo lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma ilungelo lokumayina ngokodaba 6 noma futhi ngokunjalo liyo xhumana naleyo mvume noma ilungelo, njengoba kungenzeka.
Umbambi, umsebenzisi noma umfumani wanoma ikuphi uku bekisa, imvume noma ilungelo loku sebenzisa ingaphezulu lomhlaba okukhonjwe ku datshana 1 kumele abhalise lokho kubekisa, imvume noma ilungelo e Hhovisi lama Tayiteli oku Mayina onyakeni owodwa kusukela ngosuku okwaqalisa ngalo lo Mthetho.
Umnikazi wo mhlaba nanoma yimuphi omunye umuntu okhonjwe kwi sigaba 482a so Mthetho wama Minerali owaye thola isi nxephezelo ngokwaleso sigaba ngaphambi nje kokusebenza kwa lo Mthetho, noma lowo olandela umnikazi noma omunye umuntu kwi tayiteli, banegunya loku qhubeka noku thola lesi sinxephezelo.
a Lowo obekisile, onemvume noma ilungelo elikhonjwe ku datshana 1 angakulahla lokhu kubekisa, imvume noma ilungelo, konke noma ingxenye yako, ngombiko obhalelwe i Menenja ye Ndawo efanele.
b Ukubekisa, imvume noma ilungelo okukhonjwe kwindima a, noma leyo ngxenye engabe ilahliwe, kumele ibonwe njenge phelelwe yisikhathi kusukela ngosuku lwalesi saziso.
so Mthetho wama Minerali futhi obusebemza ngaphambi nje kokuqala kwa lo Mthetho uku sebenza kanye nanoma yiziphi izinyathelo ezithathwe mayelana nokwenza ukuhlola uku sebenza kanye nomsebenzi woku landela oku hlangene nohla lokulawulwa kwendawo yokuphila kuya qhubeka noku sebenza lapho lo Mthetho uqala uku sebenza.
Udatshana 1 alumu vimbeli u Ngqongqoshe ukuthi aqondise izichibiyelo zohla loku lawulwa kwendawo yokuphila ukuze aluhlanganise nezi dingongqangi zalo Mthetho.
Noma ngubani oyekelelwe ngokwe sigaba 392a so Mthetho wama Minerali ngaphambi kokuthi loMthetho uqale ukusebenza futhi ukuyekelelwa kwakhe okungahlali kusebenza ngokwa lo Mthetho kumele afake isicelo soku yekelelwa ngokwa lo Mthetho onyakeni owodwa kusukela ngo suku okwaqala ngalo ukusebenza lo Mthetho, ngaphandle kwaloko isiyekelelo siphelelwa yisi khathi.
Uma onelungelo lenqubo yakudala lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma ilungelo lenqubo yakudala lokumayina eyeka lowo msebenzi ofanele wokuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma ukumayina, umbambi kumele afake isicelo sesi tifiketi ngokwe sigaba 43.
Isigaba 38 sisebenza kone lungelo lenqubo yaku dala lokuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma ilungelo lenqubo yaku dala loku mayina.
Ngaphandle koku lulaza izimiso zodaba 7 no 7 , noma yikuphi ukubonelelwa oku khona, inkokhelo ye nkontilaka noma ukubonelelwa kwango muso, seku hlangene nanoma yisiphi isinxephezelo esikhonjwe kwi sigaba 46 so Mthetho wama Minerali, okuqongelelekela noma yimuphi umphakathi ngaphambi nje kokuqala ukusebenza kwa lo Mthetho, kuyaqhubeka noku qongelelekela lowo mphakathi.
a ukunga qhubeki nalokhu kubonelelwa noma inkokhelo kuzobanga ubunzima obungadingeki kulowo muntu; noma b umuntu lokhu kubonelelwa ne nkokhelo ukusebenzisela ukuphakamisa uphiliswano.
Umamukeli okhonjwe ku datshana 1 no 3 kumele kuthi eminyakeni emihlanu kusukela ngosuku okuqale ngalo ukusebenza lo Mthetho azise u Ngqongqoshe ngezidingo zakhe zoku qhubeka nokuthola lokhu ukubonelelwa noma izinkokhelo nezizathu zako, bese ehambisela u Ngqongqoshe imi niningwane ebekiwe.
a agcine izishicilelo ezibekiwe kwi kheli elikwi Riphabhuliki laphe zinga hlolwa khona ngu Mqondisi-Jikelel; futhi b ahambise izitatimende zezimali ezihloliwe.
Noma ngubani ongabonisa ukuthi impahla yakhe seya biwe ngokwe zimiso za lo Mthetho angafuna isi nxephezelo ku Mbuso.
f akhombise inani layo lase makethe kanye nendlela elitholakale ngayo leli nani; futhi g abonise ukujula kwanoma yiluphi usizo lo Mbuso kanye nezi nzuzo ezitholwe ngale mpahla.
a athathwe njengo bekwe yi Menenja ye Ndawo; futhi b kumele enze noma yimuphi umsebenzi kwi sifunda abekelwe sona okumele wenziwe yi Menenja ye Ndawo ngaphansi noma ngo kwalo Mthetho.
Izifunda ezikhonjwe kwi sigaba 3 so Mthetho wezama Minerali uyaqhubeka noku sebenza kuze kube u Ngqongqoshe wehlukanisa ngezifunda i Riphabhuliki, ulwandle kanye ne shalofu le khontinenti ngokwe sigaba 7.
Umthetho owe jwayelekile welungelo lama minerali, kanye nemvume yokuhlola ubukhona bokunga mayinwa oku tholwa ngokuhlangana nako ngokwe sigaba 6 so Mthetho wezama Minerali.
Oku khonjwe kwi sigaba 44 so Mthetho weza Maminerali, umthetho ojwayelekile welungelo lama minerali ohangene nako kanye nemvume yokuhlola ubukhona bokunga mayinwa etholakala ngokwe sigaba 6 so Mthetho wezama Minerali.
Imvume yesi klhashana egunyaza uku qhubeka nomsebenzi wokuhlola ubukhona bokunga mayinwa ku mhlaba onokuhambelana nemvume yokuhlola ubukhona bokunga mayinwa ebe yigunyazwe ngaphansi kwale imvume yokuhlola ubukhona bokunga mayinwa, njengoba ihlinzekelwe kwi sigaba 10 so Mthetho wezama Minerali, ka 1991 (UMthetho 50 ka 1991).
Ilungelo lama minerali ngaphansi komthetho ojwayelekile okhishelwe imvume yokuhlola ubukhona bokunga mayinwa noma ugunyazo lokumayinawakhishwa ngoko Mthetho wezama Minerali.
Imvume yokuhlola ubukhona boku nga mayinwa ngokwe sigaba 6 (b) noma 6 so Mthetho wezama Minerali kanye no mthetho ojwayelekile welungelo lama minerali ohlangene kako owakhishelwa imvume yokuhlola ubukhona bokunga mayinwa wakhishwa ngokwe sigaba 6 salo Mthetho oshiwo.
Imvume yokuhlola ubukhona bokunga mayinwa ngokwe sigaba 6 (b) noma 6 so Mthetho wezama Minerali kanye nomthetho ojwayelekile welungelo lama minerali ohlangene nako ongakaze ukhishelwe imvume yokuhlola ubukhona bokunga mayinwa wakhishwa ngokwe sigaba 6 salo Mthetho oshiwo.
Imvume yokumayina ekhishwe ngokwe sigaba 9 (b) noma 9 so mthetho wezama Minerali kanye no mthetho ojwayelekile welungelo lama minerali ohlangene nako eyakhishelwa ugunyazo loku mayina ngokwe sigaba 9 so Mthetho wezama Minerali.
Imvume yoku mayina ekhishwe ngokwe sigaba 9 (a) noma 9 so Mthetho wezama Minerali kanye nomthetho ojwayelekile welungelo lama minerali ohlangene nayo ngaphandle ko gunyazo loku mayina olukhishwe ngokwe sigaba 9 so Mthetho wezoku Mayina.
h kunika umfutho isigaba 24 so mthethosisekelo ngoku qinisekisa ukuthi imithombo yesizwe yama minerali ne petroliyamu kuthuthukiswa ngendlela ekahle futhi engesakhiwo semvelo esigcinekayo; kanye i noku qinisekisa ukuthi abana malungelo lokumayina kanye namalungelo okusabalal bayaphonsa esivivaneni soku thuthukisa uphiliswano-mnotho lwezindawo abasebenza kuzo.
Umnyango wama Minerali na Mandla usulungiselele iningi lezi dingongqangi zezimali zokulandela umthethosivivinywa. Udaba 11 lwe Sheduli II lo Mthethosivivinywa luyakuhlinzekela ukufuna isinxephezelouma umuntu ezwa ukuthi impahla yakhe seyabiwe. Ukwaba kolungiselelo lwemali luyokwenziwa ngalendlela.
